Kuboshwe ozibiza ngeSilo 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuphele amahlathi okucasha kosolwa ngokuqola umphakathi waseMajuba ngokuzibiza ngeSilo.

UMnuz Gcina Bethwell Nkosi uboshwe ngesonto eledlule e-Dunnhouser ngemuva kokusabalala kokuthi uhambe ezibiza ngeSilo.

Ube esevela enkantolo kaMantshi e-Danhouser, maqede wadedelwa ngebheyili.

UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfundisi Thulasizwe Buthelezi uthe ukuboshwa kukaNkosi kuyisifundo sokuthi nalabo abazenza izilo izinsuku zabo zibaliwe.

“UNkosi ubephula imithetho yobuholi beNdabuko ekubeka ngokusobala ukuthi sisodwa iSilo KwaZulu-Natal, uMisuzulu kaZwelithini kuphela. Ngakho abanye abazibiza ngeNgonyama banukelwa iJele,” kusho uButhelezi. 

Ukusho lokhu nje uMntwana uSimakade kaZwelithini ogaqele isihlalo sobukhosi bukaZulu ukubeke kwacaca ukuthi nguye iSilo esibusayo.

Ngisho ekhipha izitatimende uzibiza ngeSilo uZondamagwala.

Kumanje icala lokumangalela uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ngokunikeza iSilo uMisuzulu kaZwelithini isitifiketi sokuba iNgonyama liseNkantoko yokudluliswa kwamacala e-Bloemfontain. 

UButhelezi uxwayise ngokuthi noma ngabe ubani ozibiza ngeSilo uzidonsela amanzi ngomsele ngoba uzoboshwa.

KwaZulu-Natal akuqali ukuthi kubekhona ozibiza ngeSilo njengoba ngo-2006 uMntwana uMelizwe Dlamini waseNhlamgwini wayezibiza ngokuthi uyiSilo.

Udaba wazewayolifaka kwiKhomishana kaNhlapho.

Ngemuva kwalokho waphenduka umzondo ngisho kuHulumeni waseKZN owawulibeka ngembaba elokuthi sisodwa iSilo okwakunguZwelithini kaBhekuzulu kaSolomon ngaleso sikhathi.

UMntwana uMelizwe uhambe emhlabeni eselahlekelwe yikho konke okwabekuyingcebo yakhe okubalwa izikebhe zasolwandle nobudlelwane benkampani edayisa izindlu okwabe kuyi-Seeff Properties eyayisebenza nenkampani yakhe okwabe kuyiNsikayezwe Property Group.

Izihloko zakamuva