Kuboshwe ozenza uCele kwezokuxhumana

Everson Luhanga

Bathi ukulingisa iyona indlela ephezulu kakhulu yokweyisa, kodwa uBheki Cele akazange achazeke kunalokho kumcasulile okwenziwa uZakhele Nkosi ozenza uNgqongqoshe wamaphoyisa ezinkundleni zokuxhumana.

Awucabange ukuthi uCele wayephethwe ikhanda kangakanani ngesikhathi sobhubhano le-Covid 19  kuvalwe izikole ngo-2020 njengoba lo wesilisa wayememezela kubalandeli bakhe ukuthi usezovula izitolo zotshwala?

Okwasiza lapho ukuthi i-akhawunti kaNkosi yayinabalandeli abancane, kodwa awucabange nje ukuthi bangaki kulabo abadansa ngenjabulo baphuma baya esitolo sotshwala sangakubo bedlala amanga. 

Yize kunjalo lo wesilisa oneminyaka engu-34 ubudala udale uthuthuva olwanele oludonse amehlo amathimba amaphoyisa.

Ithimba labaphenyi ngobugebengu lenze uphenyo olunzulu nge-akhawunti osekuholele ekuboshweni kukaNkosi.

Okhulumela oKlebe uLieutenant Colonel Philani Nkwalase uthe uNkosi walethelwa amaphepha  ngenyanga edlule kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo ngamaphutha akhe.

“Izikhulu zilandele ulwazi olwaphuma ezinkundleni zokuxhumana elenziwa ngomhlaka-13 ngo-2020 oluthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uzomemezela ukuvulwa kwezitolo ezidayisa utshwala.

Lokhu kwakungekuhle futhi kwathathwa njengezindaba zomgunyathi njengoba uNgqongqoshe wamaphoyisa engenazo izinkundla zokuxhumana ezisemthethweni,” kusho uNkwalase.

Uphenyo luveze nokho ukuthi uNkosi akaseyena yedwa ungqondongqondo oqhamuke nombono wokuzenza uNgqongqoshe wamaphoyisa ezinkundleni zokuxhumana. UNkwalase uthe bathole ama-akhawunti angu-161 aku-Facebook namakhasi amabili aku-Facebook okuthiwa akaNgqongqoshe.

Ngakho-ke ithimba labaphenyi lizithole selijaha wonke ama-akhawunti anegama elithi Bheki Cele.

“Nomunye wesilisa uMzomusha Hlongwane oneminyaka engu-25 naye oxhumene namanye ama-akhawunti ku-Facebook wanikezwa amaphepha amtshela ukuthi uyadingeka ukuthi azovela eNkantolo yeMantshi yase-Bergville KwaZulu-Natal ngomhlaka-30 kuMandulo nyakenye,” kusho uNkwalase.

UHlongwane wawavuma wonke amacala wabe esegwetshwa iyona le nkantolo ngoZibandlela nyakenye.

Okushaqisayo ukuthi wagwetshwa izinsuku ezingu-30 ejele kanye nenhlawulo ka-R1 000 ngokwephula i-Regulations of Disaster Management Act.

“Uphinde wahlawuliswa izinkulungwane ezimbili zamarandi noma izinyanga ezimbili esejele ngecala lokukhwabanisa wamiswa iminyaka emihlanu ngaphansi kwemibandela yokuthi ngeke alahlwe icala lokukhwabanisa ngalesi sikhathi sokumiswa kwakhe.

UNkwalase uthe icala elibhekene noNkosi lihlehliselwe uLwesine oluzayo kanti kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abantu.

Izihloko zakamuva