Arthur Greene
Ngemuva kokubhekana nosizi olubi lokubalekela ukuhlasela kwe-Russia ezweni labo abesifazane abaningi base-Ukraine kufanele babalekele abashushumbisi bocansi abayingozi njengoba bewela umngcele.
Abaphenyi bathole iqembu lezigebengu eliheha abesifazane ngokubathembisa umsebenzi osemthethweni ngaphambi kokubaphoqa ukuthi benze ucansi kwelinye izwe.
Umholi walolu hlelo uboshwe iziphathimandla zase-Ukraine kulandela umkhankaso owathatha izinyanga.
Uphenyo luqale lwaholela iziphathimandla kwesinye sezisulu owesifazane ongumama osemncane oneminyaka engu-21 ubudala owalahlekelwa umsebenzi ngenxa yempi. Ubewufuna ngabomvu umsebenzi ukuze ondle indodana yakhe encane ngesikhathi ethenjiswa umsebenzi abecabanga ukuthi umsebenzi osemthethweni e-Istanbul.
Icebo lakhe bekukweqa umngcele wase-Ukraine angene e-Hungary. Ukusuka lapho ubezoya e-Austrialia ngaphambi kokugibela indiza eya e-Turkey.
Abaseshi bakwazile ukummisa ngaphambi kokuba ahambe e-Ukraine.
“Thina nabaseshi sinqume ukungenelela,” kusho u-Oleh Tkalenko umshushisi omkhulu obehola uphenyo etshela i-Guardian.
“Lo wesifazane simmise emngceleni kodwa ubephoqwa isimo ukwenza lokhu ngoba ubengenayo imali yokondla ingane yakhe. Umholi weqembu lezigebengu ubemthengele amathikithi wamnika imali futhi wamhlelela nendlela yakhe.”
Ngobufakazi balona wesifazane ithimba likaTkalenko lithole okwanele ukubopha umholi waleli qembu owesilisa oneminyaka engu-31 ubudala okwase kuphele izinyanga amaphoyisa emhleli izithende.
Lo wesilisa uboshiwe kanti ihhovisi lakhe elisesifundeni sase-Kyiv liseshiwe kwatholwa incwadi enamagama abesifazane abayishumi namagama abo amasha abebhalwe kuyo le ncwadi kanye namahora abo okusebenza.
Abashushisi abazi ukuthi bangaki abesifazane asebeshushumbiswe yileli qembu lezigelekeqe, kodwa basola ukuthi bangaphezu kwalaba ababhalwe ebhukwini.