Kuboshwe owesilisa ohlala emgwaqeni ngezinsolo zokuqala umlilo eKapa

Zukile Majova

“Uwena obase umlilo?”

“Yebo.”

“Lithini ikheli lakho?”

“Ngilala ehlathini.”

Leyo yimpendulo evela kulo mlisa ongenakhaya ngesikhathi amaphoyisa embuza ikheli lakhe ngemuva kokumbopha ngezinsolo zokuqala umlilo ePaki yase-Mountain National Park izolo.

Imililo equbuke kusukela ngeSonto namanje ayikalawulwa. Ubukhulu bomonakalo, ikakhulukazi kumtapo wezincwadi wase-University of Cape Town onemibhalo eyingqayizivele nengabuyiseki, angeke bulinganiswe nalutho ngalesi sikhathi.

Lo mlisa uchithe ubusuku esitokisini kodwa iziphathimandla bezingaqiniseki ngesimo sakhe sengqondo.

ILungu laseKapa leKomidi leMeya elibhekele ezokuphepha nokuvikela, lithe lo mlisa ubeseminyakeni eko-30 kanti kuyaqondakala ukuthi ungomunye wabantu abaningi abangenamakhaya abalala esiqiwini.

Akukacaci noma uqale nguye umlilo omkhulu yini noma udalwe ngomunye wemililo obubaswe abangenamakhaya ngale epaki washiywa unganakiwe.

NgoMsombuluko, u-Arlene Wehr onguMphathi ku-Operations Fire and Rescue Service eDolobheni laseKapa uthe izicishamlilo ezingama-220 zisalwisana nomlilo.

Okhulumela i-SANParks Acting National uReynold Thakhuli uthe abaqaphi babo bebematasa ngoMsombuluko ekuseni bevimba abantu ukuthi bangene e-Table Mountain National Park.

“Njengoba abahlali bezama ukugijima, ukuhamba ngamabhayisikili noma ukuhambisa izinja zabo ngeke sikwazi ukugxila emlilweni, ikakhulukazi ezindaweni ezise-Newlands Forest nase-Rhodes Memorial.”

UThakhuli unxuse abahlali ukuthi baziqhelelanise nalezi zindawo ezilandelayo: i-Newlands Forest, i-Groote Schuur Estate, i-Rhodes Memorial, i-Devils Peak, i-Tafelberg Road, i-Vredehoek neDeer Park.

“Lokho kubandakanya zonke izindawo zokuzithokozisa ezingezansi nangaphezulu komgwaqo u-Tafelberg, ozohlala uvaliwe kuze kube kulunga konke.”

Izindawo zokuheha izivakashi ezifana ne-Lions Head ne-Signal Hill bezisavuliwe kodwa izivakashi zinxuswa ukuthi zisondele kulezi zindawo ngokuqapha njengoba abezimo eziphuthumayo besesendaweni.

Kuze kube manje, sekonakele indawo engamahektha angama-400 omhlaba.

Isithombe: Twitter

Izihloko zakamuva