Kuboshwe owesilisa odubule iziguli esibhedlela

Kamogelo Olaitan

Kuboshwe owesilisa (40) ngemuva kokuthi kudutshulwe iziguli ezimbili nephoyisa esibhedlela sase-New Somerset ngase-V&A Waterfront eKapa ngoMgqibelo ebusuku.

Esitatimendeni amaphoyisa athe amaphoyisa ase-Sea Point ebehambise isiboshwa (35) esibhedlela ukuze sithole usizo lwezempilo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Ngokusho kwamaphoyisa, umsolwa obeyisiguli kulesi sibhedlela uthathe isibhamu sephoyisa wadubula kaningi.

Iziguli ezimbili ebeziseduze nomsolwa zishone ngenxa yokudutshulwa endaweni yesigameko kanti iphoyisa (32) elidutshulwe ekhanda lalimale kanzima.

Umsolwa uphucwe isibhamu wase eboshwa ngamanye amaphoyisa.

Iphoyisa lishone ngenxa yamanxeba okudutshulwa ngeSonto ekuseni.

UNdunankulu wase-Western Cape, u-Alan Winde, ohambele lesi sibhedlela ngemuva kwalesi sigameko uthe ushaqekile futhi uphatheke kabi ngokushona kweziguli ezimbili.

Lolu daba luyaqhubeka.

Izihloko zakamuva