Kuboshwe owesilisa obegebenga ngethoyizi lesibhamu

Owesilisa uboshelwe ukugebenga isitolo esebenzisa into ebonakala iyisikhali emdlalweni wevidiyo.

Umsolwa ohlonzwe ngelikaDavid Joseph Dalesandro (25) ungene esitolo sakwa-Kwik e-Sharon, e-South Carolina egqoke isembatho sokuzifihla, izinwele zomfakela, isifonyo kanye nejezi elinesigqoko.

Ngokusho kofakazi uDalesandro uye kumuntu oqoqa imali wafuna imali ngesikhathi eveza isibhamu esifakwe okhalweni lwakhe.

Kodwa-ke, ngesikhathi izikhulu zomthetho  zibhekisisa kahle zithole ukuthi isibhamu okuthiwa i-Nintendo Duck Hunt sipendiwe.

Lesi sikhali sigqugquzelwe umdlalo wokudubula wakudala lapho abadlali abadubula khona okundizayo.

IHhovisi likaSherifu wesifunda sase-York alichithanga sikhathi ukubamba uDalesandro otholwe endaweni yokupaka izimoto eseduze esaphethe lesi sikhali, kubika i-Sky.

Uye waboshwa wavalelwa ejele lesifunda sase-York kanti ubhekene namacala ahlobene nokugebenga kuhlonyiwe.

Lesi sigameko sishiye abasebenzi basesitolo kanye nabezomthetho bemangele ngenxa yobuhlakani bomsolwa – kanye nesikhali sakhe sokudlala!

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UDavid Dalesandro nesikhali sakhe

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva