Kuboshwe owesilisa obanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni kwaMajola

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Owesilisa utholwe nezibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni endaweni yakwaMajola e-Port St Johns, e-Eastern Cape.

Umkhankaso wezobunhloli owenziwe amaphoyisa uze kungakapheli sikhathi esingakanani uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ehambele le ndawo wathembisa ukuthi uzoletha amaphoyisa azimele aqhamuka ngaphandle kwale ndawo ukuze aqede udlame oluqubuke endaweni yakwaMajola.

Ngesikhathi amaphoyisa egasela entathakusa ngoLwesihlanu olwedlule endaweni yaseMagangeni athole isibhamu sohlobo lwe-R4 nesinye esincane. Zombili lezi zibhamu bezinezinhlamvu.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uBrigadier Tembinkosi Kinana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umkhankaso uqalwe amalungu akwaMajola alandela imininingwane ngomsolwa.

“Isibhamu sohlobo lwe-R4 kanye nesibhamu esincane bezinezinombolo ezisuliwe kwatholakala nezinhlamvu ezingu-85 zezinhlobo ezahlukene zezibhamu,” esho.

UKinana uthe umsolwa (35) ubanjiwe wayiswa esiteshini samaphoyisa e-Hlababombu e-Lusikisiki lapho okulindeleke ukuthi avele khona phambi kwenkantolo yemantshi yakule ndawo ngoLwesihlanu.

Indawo yakwaMajola ike yahlaselwa izigemegeme zodlame kanti okungenani amakhaya angu-120 ashisiwe abantu basala dengwane. Babalelwa ku-30 abantu okuhlanganisa nezingane zesikole asebebulewe selokhu kwaqala udlame ngo-2021.

“Amaphoyisa awasazi isizathu salolu dlame futhi asifuni ukuqagela ukuthi lo mlisa ubenesandla yini kulezi zigameko,” kusho uKinana.

“Izibhamu zizoyohlolwa ukuze kutholakale ukuthi azikaze yini zisetshenziswe kwamanye amacala,” esho.

Yize amaphoyisa ebonakala kule ndawo eminye imindeni ayinamakhaya ngenxa yalolu dlame olushiye abesifazane nezingane dengwane. Umholi wendawo iNkosi uNolundi Meji akakwazanga ukuphawula.

Esithombeni esingenhla: Izibhamu ezishaqiwe

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva