Kuboshwe owesilisa ngokuthumba amantombazane nokuwafaka ngenkani ekudayiseni ngomzimba

Kabelo Tlhabanelo

Abazali nezihlobo zamantombazane amathathu athunjwa futhi ashushumbiswa ngonyaka odlule, bathi bajabule futhi bathole ukuphumula ngokuboshwa komunye wabasolwa.

Kodwa ongungqondongqondo kuthiwa usagcwele amathafa namanje, kanti isihlobo sesinye sezisulu sithe sizothola ukuthula uma bonke labo abenze la macala sebegwetshiwe.

Lezi zingane zesikole ezimbili zathunjwa ngoLwezi odlule zisuka e-Phuthaditjhaba zayiswa e-Sasolburg, e-Free State lapho zaphoqelelwa khona ukuba ngabaqwayizi.

Omunye umzali uthe kwakusinda kwehlela ukuzwa lokho indodakazi yakhe eyedlule kukho.

“Kungijabulisile ukuthi ngithole indodakazi yami iphila. Kodwa ukuzwa ubunzima abhekana nabo kwangiphula inhliziyo,” kusho yena.

“Ngiyazi ukuthi lo muntu ubengeyedwa. Njengoba ngikhulekele ukuthi beboshwe, nabanye basazobhekana nomthetho.”

UTshepo Ntsabeng uboshwe mhla zi-14 kuMbasa ngabophiko loKlebe wavela kafushane phambi kweNkantolo yeMantshi yase-Phuthaditjhaba, lapho abhekene khona namacala okushushumbisa abantu. Kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abantu.

La mantombazane amathathu, wonke aneminyaka eyi-17 ubudala, kwabikwa ukuthi adukile mhla zingama-20 kuLwezi, kanti abonwa ezulazula ezitaladini zase-Sasolburg mhla zi-2 kuZibandlela.

Kamuva kwatholakala ukuthi enye yamantombazane amathathu yayisetshenziswa abasolwa ukuheha lawa amanye amantombazane amabili.

Le ntombazana iboshiwe yabekwa icala lokuheha nokushushumbisa abantu. Uvele enkantolo mhla zi-7 kuZibandlela kanti ungaphandle ugadwe ngabazali bakhe. Uzovela futhi enkantolo mhla zingama-29 kuMbasa.

Okhulumela oKlebe e-Free State uKaputeni uChristopher Singo uthe: “Sifuna omunye umsolwa okusolwa ukuthi ungungqondongqondo.”

UNtsabeng uzophinde avele mhla zingama-22 kuMbasa ezofaka isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

Izihloko zakamuva