Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ohola impesheni wase-Ekurhuleni uphunyuke ezandleni zikamakhelwane wakhe ongumdlwenguli ngoLwesithathu ebusuku.
Ohola impesheni (63) wase-Tsakani utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubelele ngesikhathi ezwa kuvuleka umnyango wakhe ngokushesha wabona umsolwa engena egumbini lakhe.
Kuthiwa umsolwa ubegqoke isifonyo kodwa ohola impesheni ubelazi izwi lakhe nesakhiwo sakhe somzimba.
“Ungitshele ukuthi uzolala nami amahlandla amahlanu kuphela bese eyahamba uma eseqedile,” kusho isisulu esingeke sidalulwe igama sitshela i-Scrolla.Africa.
“Ngiye ngaxoxisana naye ukuthi asebenzise ijazi lomkhwenyana njengoba nginegciwane lengculazi futhi ngidla imishanguzo kodwa uye wangitshela ukuthi lokho akuyona inkinga ngoba naye udla imishanguzo,” esho.
“Uye waqhubeka nokungidlwengula ephindelela kwathi ngemuva kokwesithathu ngamcela ukuthi ayolanda ithawula egumbini eliseduze ngabaleka ngayocasha emjondolo ongaphandle.
Uthe ubekwazi ukubona umsolwa ngesikhathi emthungatha ecashe ebumnyameni, kodwa uthi umsolwa ugcine enqume ukuhamba.
Ngesikhathi ecela usizo omunye womakhelwane bakhe uye wameluleka ngokuthi babikele umndeni kamsolwa.
Umndeni uthembise ukufaka umnyango omusha, ukufaka izinsimbi zokuvikela bese ukhokha okucekelwe phansi inqobo nje uma engeke avule icala.
“Ngiye nganqaba ngoba umsolwa ubengakhombisi ukuzisola futhi uma bembuza ukuthi ungidlwenguleleni uvele wathi uyaxolisa,” esho.
UColonel Goodall Khumbulani Mbatha ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshwe ngoMgqibelo ngemuva kokuthi isisulu sivule icala emaphoyiseni. Uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Tsakani maduze.
Esithombeni esingenhla: Ohola impesheni osekubhaceni
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo