Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Osolwa ngokudlwengula e-Benoni, e-Daveyton, kanye nase-Tembisa ubhekene namacala angu-145 okudlwengula ngemuva kokuhlukumeza abesifazane abangu-36 ezindaweni ezakhelene ne-Benoni, i-Tembisa ne-Daveyton.
Uphinde wabekwa amacala okuphoqa umuntu ukuthi abukele kwenziwa ucansi.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority esifundeni saseGoli uLumka Mahanjana uthe osolwa ngokudlwengula e-Benoni nase-Tembisa uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yase-Daveyton ngoLwesibili.
UMahanjane uthe owesilisa (38) obeqashwe njengonogada kwa-Prasa ubhekene namacala angu-139 engezwe kwayisithupha aqale abekwa wona ngemuva kokuvela enkantolo okokuqala ngoMasingana kulo nyaka.
“Ubhekene namacala angu-44 okudlwengula, angu-43 okuthumba, angu-41 okukhomba abantu ngesibhamu kanye namanye angu-17 okukhwabanisa, okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho kanye nokuphoqa umuntu ukuba abukele ucansi,” esho.
UMahanjane uthe ummangalelwa udlwengule abesifazane abangu-36 ezindaweni eziseduze ne-Benoni, i-Tembisa ne-Daveyton kusukela ngo-2018 kwaze kwaba nguMasingana kulo nyaka ngesikhathi eboshwa.
“Isisulu esincane intombazane (14) kanti esindala ngowesifazane (33).”
UMahanjane wengeze ngokuthi umsolwa ubehlasela izisulu zakhe ngesikhathi zisendleleni eya ekhaya, emsebenzini noma ngesikhathi zilinde itekisi.
Uthe umsolwa ubebathumba ebakhombe ngesibhamu, abafake emotweni yakhe ngenkani bese ebayisa lapho azobadlwengulela khona.
“Umsolwa uboshwe ngomhlaka-22 kuMasingana kulo nyaka ngemuva ngomkhankaso wobunhloli owenziwe ngamaphoyisa akwa-SAPS.
Icala lihlehliselwe umhla ziyishumi kuNhlaba kulo nyaka ukuze afake isicelo sebheyili.