Celani Sikhakhane
Umndeni welungu le-National Freedom Party (i-NFP) kuwadi-17 elabulawa ngaphambi kokhetho lwangenyanga edlule uzwakalise ukushaqeka ngemuva kokuboshwa kwentombi yakhe yathweswa icala lokubulala.
Ngemuva kokuboshwa komsolwa ngoLwesithathu olwedlule, esinye sezihlobo zikaDumisani Qwabe sithe bathukile. Owesifazane abebekholelwa ukuthi uyamthanda usevele njengomsolwa ekubulaweni kwakhe.
UQwabe wabulawa sekusele isonto ukuthi kube nokhetho futhi wawina isihlalo sakhe ngosuku olwandulela umngcwabo wakhe.
“Sithukile ngesikhathi kuboshwa intombi yakhe. Sidinga izimpendulo ngoba ekuqaleni besicabanga ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nepolitiki,” kusho isihlobo.
UBrigadier Vishnu Naidoo ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshiwe kanti ubevele okokuqala enkantolo ngoLwesine.
“Uzovela enkantolo ngoLwesithathu mhlaka-15 kuZibandlela lapho ezofaka khona isicelo sebheyili,” kusho uNaidoo.
Isidumbu sikaQwabe sitholwe sishisiwe futhi engasabonakali emotweni yakhe oPhongolo. Uphenyo lokuqala lwamaphoyisa luveze ukuthi udutshulwe amahlandla amaningi ngaphambi kokushiswa emotweni yakhe.
Unobhala jikelele we-NFP, uMnumzane uCanaan Mdletshe, uthe umsolwa kuthiwa wayelokhu efonela uQwabe ngosuku abulawa ngalo eqinisekisa ukuthi uyahamba emzini wakhe.
Amalungu omndeni kaQwabe akwazile ukumkhomba ngezinyawo zakhe njengoba bekuyizona ebezingashile kakhulu.
Imiphumela yolibofuzo iqinisekise ukuthi amathambo atholwe emotweni bekunguye ngempela.
Phezu kwesigameko sokubulala esinyantisa kangaka, uQwabe wawina iwadi yakhe kanti ukhetho luhlelelwe ukuba lubanjwe mhla zimbili kuNhlolanja ngonyaka ka-2022.