Kuboshwe owesifazane obhalise esikoleni ngamaphepha angamanga

Owesifazane oneminyaka engu-29 ubudala wase-New Brunswick uboshiwe wabekwa icala ngemuva kokuzenza umfundi esikoleni esise-New Jersey izinsuku ezimbalwa.

UHyejeong Shin wazenza umfundi futhi wachitha izinsuku ezine ezulazula emaphaseji esikole ephinde angene nasemaguninj okufunda. Ngeshwa uShin akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi othisha nabanye abasebenzi baqaphele ukuthi ubukeka emdala phakathi kwezingane.

Ngokombiko we-Sky News, uHyejeong Shin ubekwe icala lokuhlinzeka ngamaphepha kahulumeni angamanga ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ungubani noma iminyaka yakhe.

Umphathi wesifunda sase-New Brunswick Public School uthe owesifazane wethule isitifiketi sokuzalwa esingelona iqiniso ukuze abhalise njengomfundi futhi wakwazi ukubhalisa esikoleni samabanga aphezulu.

Phakathi nezinsuku zakhe esikoleni uShin ubechitha isikhathi esiningi nabasebenzi abebezama ukumazi kangcono. 

Abasebenzi bathole itulo lalona wesifazane base bazisa ngokushesha iziphathimandla ezifanele.

Lo wesifazane uboshiwe kanti manje usethweswe icala, ngokombiko we-Sky News.

Izikhulu zixwayise abafundi ukuthi bagweme noma yikuphi ukuxhumana nowesifazane, mathupha noma nge-inthanethi. “Lesi yisigameko esingesihle futhi sekuxwayiswe abazali okungenzeka ukuthi lo wesifazane uke wahlangana nabo abanezingane ezifunda kuso lesi sikole samabanga aphezulu,” kusho isikhulu sesikole.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe esingenhla: UHyejeong Shin oneminyaka engu-29 ubudala oqambe amanga wahlala amasonto njengomfundi wesikole samabanga aphezulu e-New Jersey

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva