Kuboshwe owesifazane obezama ukuntshontsha usana

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abhuntshile amasu omthumbi wezingane kanti kubongwa uTshepo Mosima intatheli ye-Alex FM namandla ezinkundla zokuxhumana!

Umsolwa, uNksz Zodwa Mambuyisa waseMnambithi KwaZulu-Natal unqatshelwe ibheyili  ngemuva kokulandelwa ngabalandeli bentatheli uTshepo Mosima.

UMambuyisa ubehamba nengane beyothenga ukudla enxanxatheleni yezitolo i-Pan Africa Mall e-Alexandra, enyakatho neGoli. Wathembisa ukuthi uzobuya maduze.

Umama wengane enezinyanga ezine ubudala uMalerato Mosebo (31), uthe umsolwa ubemazi njengomngani wakhe nomakhelwane.

“Ubejwayele ukuzongisiza ngigade indodakazi yami. Ubemuhle, ngikhululekile ukushiya ingane yami naye,” kusho umama.

Kodwa izinto bezihlukile ngoMgqibelo. Ngesikhathi umsolwa engakabuyi ngemuva kwehora njengoba bekulindelekile, uMosebo uzame ukumshayela ucingo kodwa ucingo lwakhe beluvaliwe.

“Ngaqala ukwethuka. Ngaya ezitolo lapho abethe uya khona ngangamthola.”

“Ngize ngayoma emnyango werenki ngethemba lokuthi ngizombona eza erenki, ngangaba nenhlanhla. Yilapho engiye khona ngayobika icala esiteshini samaphoyisa sase-Alexandra.”

Uthe amaphoyisa athumele izinsiza ezizosiza ekufuneni indodakazi yakhe.

Khonamanjalo, uthe omunye wamalungu omndeni wakhe umcebise ukuthi akabikele umsakazo wendawo, i-Alex FM ngengane yakhe eyebiwe. Kulapho intatheli uTshepo Mosima ejoyine khona ukusesha wafaka izithombe zosana nomsolwa ekhasini lakhe lika-Facebook.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uMosima uthe umndeni uye ku-Alex FM ngabo-11 ebusuku ngoMgqibelo, uyofuna usizo. Amaphoyisa enze uphenyo lokuqala athola ikamelo lomsolwa lingenalutho. Izimpahla zomsolwa bezingekho.

“Yilapho engibone khona ukuthi ingane yebiwe.”

“Ngibhale emakhasini ami ezinkundleni zokuxhumana. Ngokushesha ngaqala ukuthola imiyalezo ku-inbox yami enezithombe zomsolwa obesendaweni yase-Tembisa, e-Vusimuzi.” 

UMosima uthe izingede zakhe zimthumele indawo, wahlanganyela namaphoyisa. Umsolwa uboshwe ngesikhathi elungiselela ukuya eKZN nosana.

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesibili. Icala lihlehlisiwe kanti uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-11 kuNtulikazi lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.

Esithombeni esingenhla: Intatheli uTshepo Mosima ephethe usana alusize ukuthi lutholwe luhlanganiswe nomama walo. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva