Kuboshwe owase-Russia ngezinhlelo zokuphazamisa ama-Olympics aseParis

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Owesilisa wase-Russia angase abhadle ejele iminyaka engu-30 ngemuva kokuboshwa e-France ngezinsolo zokuhlela ukuphazamisa imidlalo yama-Olympics e-Paris.

Njengoba umcimbi uzoqala maduze nje, iziphathimandla zase-France zihlole abantu abangaphezu kwesigidi kanti abacishe babe ngu-5,000 banqatshelwe ukungena.

Lo wesilisa ongowase-Russia oneminyaka engu-40 ubudala ubekwe icala kuleli sonto ngokulungiselela umkhankaso omkhulu wokuthunaza izwe lase-France ngesikhathi semidlalo yama-Olympics. 

Nakuba bekungekhona ukuhlasela kwamaphekula, kodwa leli cebo belingaba nemiphumela emibi kakhulu.

Kumanje umsolwa uvalelwe ngaphambi kokuqulwa kwecala, kanti uphenyo lusingethwe ngongoti.

UNgqongqoshe wezangaPhakathi wase-France uGerald Darmanin uthe bangaphezu kuka-800 kubantu abangu-4,360 abavinjelwe ukungena kulo mcimbi ngoba basolwa ngokuba ngamanxusa amazwe angaphandle.

“Silapha ukuze siqinisekise ukuthi ezemidlalo azisetshenziselwa ubunhloli, ukuhlasela (cyberattacks) noma ukusabalalisa imininingwane engamanga nge-France nabakhuluma isi-French,” kusho uDarmanin.

Ama-Olympics azoqala ngoLwesihlanu.

Esithombeni ngenhla: Ama-Olympics ase-Paris.

Umthombo: @chklaue

Izihloko zakamuva