
Dylan Bettencourt
U-Elton Jantjies ongumdlali webhola lombhoxo odle umhlanganiso kwiNdebe yoMhlaba uboshwe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ngeSonto ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uColonel u-Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuboshwa kwakhe.
“Owesilisa oneminyaka engu-31 uboshiwe ngesikhathi efika esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo esuka e-Dubai. Kusolwa ukuthi ucekele phansi impahla yenkampani yezindiza,” kusho uMathe.
Imibiko iphakamisa ukuthi i-NTT Red Hurricanes and Lions flyhalf ibihambe ngebhizinisi isuka e-Dubai iya eGoli.
Ukhishwe endizeni ngesikhathi ifika eGoli.
Lo mdlali wamaBhokobhoko uveze enkundleni yezokuxhumana ukuthi yena nomndeni baye e-Dubai ngeSonto eledlule.
Akukacaci kahle ukuthi kwenzekeni ngesikhathi ephakathi.
UMengameli waseNingizimu Afrika webhola lombhoxo uMark Alexander uthe ubengazi ngesigameko.
Lena indaba eqhubekayo.
Umthombo wesithombe :@RugbyPass