Kuboshwe osomatekisi abebephazamisa ingalo yomthetho 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Iqulu labashayeli bamatekisi lihlangane ndawonye layohlasela esiteshini samaphoyisa e-Witbank ngoMsombuluko lizama ukuphoqa ukuthi kudedelwe osolwa ngokubulala.

Iqeqebana labashayeli bamatekisi abangu-23 liye esiteshini lihamba ngohide lwamatekisi amane. Bajikijele isakhiwo ngamatshe, bagasela emahhovisi baphinde basabisa nabaphathi besiteshi.

Kodwa amaphoyisa aye aphikisana nezimfuno zabashayeli bamatekisi zokukhulula osolwa ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Esikhundleni salokho bababophe bonke babavalela esiteshini lapho okuboshwe khona lo mlisa abebezama ukumkhulula.

Umsolwa ukhonjwe njengomunye wabesilisa ababandakanyeka ekuthunjweni nasekushayeni amadoda amabili abesolwa ngokweba ngoLwesithathu olwedlule ngomhlaka-15 kuNdasa.

Ngesikhathi amaphoyisa eya emzini wakhe eyobopha umsolwa uye wawakhomba ngesibhamu amdubula. Ulashelwe inxeba lokudutshulwa esibhedlela sendawo wabe esevalelwa esiteshini samaphoyisa e-Witbank.

Kube ngemuva kokuboshwa kwakhe lapho amaphoyisa athole khona ukuthi umsolwa ubebakhombe ngesibhamu esiyithoyizi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseMpumalanga uBrigadier Selby Mohlala usiqinisekisile lesi sigameko.

UMohlala uthe iqulu labashayeli bamatekisi abangu-23 ligasele esiteshini lifuna kudedelwe osolwa ngokubulala.

Umsolwa ungomunye wabashayeli bamatekisi okuthiwa bathumbe baphinde bashaya kanzima amadoda amabili abesolwa ngokweba. “Oyedwa wabasolwa ogama lakhe nguSfiso Dube (29) ushone ngemuva kokulimala omunye wangeniswa esibhedlela ngenxa yokulimala.”

Ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo abophe omunye wabasolwa okusolakala ukuthi ubeyingxenye yeqembu lezigelekeqe elishaye laba ababili. Uyena yedwa umsolwa oboshiwe kuze kube manje mayelana nalokhu kuhlasela.

UMohlala uthe umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseMalahleni ngoLwesithathu. “Amanye amacala amayelana nesibhamu sethoyizi angase engezwe njengoba uphenyo lusaqhubeka,” kusho uMohlala.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General Zeph Mkhwanazi ukugxeke kakhulu ukuhlaselwa kwalesi siteshi.

UMkhwanazi uthe abantu kumele bakugweme ukugxambukela noma ukuphazamisa amaphoyisa uma enza umsebenzi wawo. “Asikwazi ukubekezelela isimo lapho amaphoyisa esatshiswa khona ngesikhathi enza umsebenzi wawo.

“Bazothathelwa izinyathelo ezinqala neziqinile abantu abenza njalo,” esho.

Bonke abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-54 bavele eNkantolo yeMantshi yaseMalahleni ngoMsombuluko bebhekene namacala okudala udlame emphakathini.

Esithombeni esingenhla: Abashayeli bamatekisi abangu-23 abadale uthuthuva esiteshini samaphoyisa e-Witbank 

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva