Kuboshwe osolwa ngoxhaxha lokubulala

Celani Sikhakhane

Umsolwa osolwa ngokubandakanyeka ezigamekweni eziningi zokubulala KwaZulu-Natal ubanjwe waboshwa ngamaphoyisa elibangise e-Western Cape.

Umsolwa oneminyaka engu-31 ubegibele ibhasi ngesikhathi amaphoyisa eyimisa e-Mariannhill toll plaza ngoLwesihlanu.

Uthwetshulwe isithombe esanda kuboshwa nozankosi ehleli eceleni komgwaqo eduze kwesibhamu nezinhlamvu.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi lo wesilisa ongeke adalulwe okwamanje ngoba akakaveli enkantolo ubesendleleni eyogila umkhuba.

Okhulumela amaphoyisa e-KZN uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe umsolwa ubandakanyeka kwamanye amacala amaningi okubulala. Iningi lamacala enziwe ezindaweni ezifana naKwaMashu, eNanda nase-Mayville.

“Amaphoyisa asaphenya okwamanje asinalo usuku azovela ngalo enkantolo,” kusho uNgcobo.

Uthe amaphoyisa enze isivimbamgwaqo ngemuva kokulunywa indlebe ngomsolwa  ukuthi uzosuka eThekwini alibangise e-Western Cape.

“Ngo-10.45 ekuseni amaphoyisa asukumele phezulu udaba njengoba lo msolwa obefunelwa uxhaxha lwamacala okubalwa awokubulala, ukuzama ukubulala, ukuduna imoto, ukugebenga nokuthumba. Amaphoyisa avale umgwaqo ku-N3 e-toll plaza e-Marianhill nokuyilapho eboshwe khona. Ubesebhasini eliya e-Western Cape.”

Kodwa akukacaci ukuthi ubeya kuyiphi ingxenye ye-Western Cape.

Izihloko zakamuva