Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa abophe owesilisa owadubula wabulala umshayeli we-e-hailing eBerea, eGoli.
Umsolwa (26) utholwe ngoLwesine ehostela iJabulani eSoweto. Ubesagqoke zona lezi zimpahla kusukela ngelanga lokudubula.
UXolani Fihla, okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD), uthe ukuboshwa kwenziwe ngamathimba e-JMPD naweSAPS.
“Umsolwa uhlonzwe ngokwemininingwane etholwe mayelana nesigameko sokudubula esenzeke kuLilly no-Olivia Street eBerea,” kusho uFihla.
Amaphoyisa afice umsolwa elele egunjini ehostela.
“Uhlonzwe njengofana nencazelo etholwe ezithombeni zamakhamera aqaphile futhi ubesagqoke izingubo ezibonakala endaweni yesigameko,” kwengeza uFihla.
Kutholwe isibhamu esingekho emthethweni, imagazine kanye nezinhlamvu eziyishumi kumsolwa.
Manje usesiteshini samaphoyisa eJabulani, ubhekene namacala okubulala. Uzovela enkantolo maduze.
UFihla uncome ukusebenzisana kweJMPD neSAPS ekubambeni umsolwa.
“Siyayincoma imizamo yokubambisana yophiko lwe-JMPD TRU kanye ne-Gauteng Tracking Team ye-SAPS ekuletheni lo muntu oyingozi phambi kwenkantolo.”
Esithombeni esingenhla: Umsolwa odubule wabulala umshayeli wakwa-Uber eBerea, eGoli.
Umthombo: JMPD
