Kuboshwe ohola imibhikisho eDiepsloot

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Uboshiwe uLefa Nkala ongumholi wenhlangano yamalungu omphakathi alwa nobugebengu e-Diepsloot. 

Ukuboshwa kwakhe kwenzeke phakathi kwemibhikisho eqhubekayo yokulwa nobugebengu emphakathini.

Izakhamuzi zinxusa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi avakashele ilokishi lase-Gauteng elikhungethwe ubugebengu futhi akhulume nabo ngezinto ezibakhathazayo endaweni. 

Izakhamuzi zase-Diepsloot zigcwale imigwaqo zenza uchungechunge lwemibhikisho ephikisana nobugebengu obudlangile, zifuna izinyathelo eziqinile kwabezomthetho.

Imibhikisho ehambisana nokuvinjwa kwemigwaqo nokushisa izinto ishube kakhulu emasontweni ambalwa edlule.

Amaphoyisa adubule ngezinhlamvu zenjoloba neziqhumane (stun grenades) ukuze ahlakaze iqeqebana lababhikishi ebelibuthene lilokhu likhula futhi lidlondlobala.

NgoMsombuluko odlule ebusuku kuvalwe ngamatshe namathayi avuthayo imigwaqo ephithizelayo elokishini.

Ngosuku olulandelayo kubuthane isixuku esikhulu okudale ukuphazamiseka nokuma kwezinto ngesikhathi kushiswa izitolo ezincane kwaphinde kwavalwa nomgwaqo omkhulu ophithizelayo u-N14 okuholele kwisminyaminya esikhulu sezimoto.

Ukukhombisa ukukhungatheka nentukuthelo izakhamuzi ziqonde izigebengu okuyizona ezisolwayo zabhidliza imijondolo okukholakala ukuthi yandisa ubugebengu. Ezinye iziphaza ziphoqeleke ukuthi zivalwe.

Ngesonto eledlule iqulu labaholi lihambele e-Union Building ngenhloso yokuhlangana nezikhulu zasehhovisi likaMengameli.

Laba baholi banxuse uRamaphosa ukuthi akhulume nomphakathi ngqo.

Lezi zakhamuzi zizwakalise ukungenami ngempendulo yamaphoyisa, ziwasola ngokungabi nayo imizamo eyanele yokulwa nobugebengu obudlangile.

UNkala uveze ukuthi nakuba ubugebengu behlile okwesikhashana kulandela ukujutshwa kwamalungu e-Tactical Response Team (TRT) ngonyaka odlule, ezinyangeni ezedlule kuphinde kwaqubuka izigameko zokubulala, ukudlwengula, ukubamba inkunzi nokugebenga kuhlonyiwe.

Ezinye izakhamuzi sezize zafaka uthango ukuze zizivikele kwizigebengu ezisuke zihlomile.

UNkala nguye yedwa umholi wenhlangano evikela umphakathi yase-Diepsloot ofikile kumbhikisho. Ube nokuhilizisana namaphoyisa ngaphambi kokuba aboshwe.

Iziphathimandla azizange zichithe isikhathi njengoba zihlakaze isixuku emgwaqeni ngezinhlamvu zenjoloba neziqhumane.

Ababhikishi bazwakalise ukuphoxeka kwabo ngohlelo lwezobulungiswa, bethi izigebengu eziboshwayo zinikelwe emaphoyiseni zivame ukudedelwa ngaphandle kokubhekana nemiphumela.

Umphakathi uveze ukuthi uzozibambela wona mathupha njengoba ubumashela emigwaqeni uhlome ngezigqwayi, izinduku zemishanelo namatshe.

Imibhikisho ibe nomfutho njengoba izakhamuzi eziningi zingenela imibhikisho, zizwakalisa ukucikeka ngohlala endaweni engaphephile.

Izakhamuzi zase-Diepsloot zigcizelele ukuthi izenzo zabo ziqhutshwa isidingo esiphuthumayo sokuvikela izimpilo zabo kanye nemizi yabo.

Owayeyilungu lomphakathi noyingxenye yenhlangano evikela umphakathi uJohn Makola udutshulwe wabulawa izigebengu. UMakola ubezama ukusindisa umnikazi wesphaza obegetshengwa kanti izigebengu bezihlomile. UMakola ungcwatshwe kulempelasonto edlule.

Ukuboshwa kukaLefa Nkala kwengeze ukushuba kwesimo.

Isithombe esingenhla: Imibhikisho yase-Diepsloot

Umthombo wesithombe: U-Everson Luhanga

Izihloko zakamuva