Kuboshwe odokotela mbumbulu abahlanu kwezokusoka e-EC

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Amaphoyisa ase-Eastern Cape abophe odokotela mbumbulu bendabuko abahlanu kusukela kuqale isizini yokusoka ekuqaleni kukaLwezi.

Ekuqaleni kwesizini yokusoka uMnyango uthe isiko olubizwa ngoLwaluko lingcoliswa izinga eliphezulu lokusetshenziswa kwezidakamizwa notshwala okuhlanganisa nobugebengu obungabekezeleleki.

Ukuboshwa kodokotela mbumbulu kulandela ukusebenzisana phakathi kwamaphoyisa noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu e-Eastern Cape ukunqanda ubugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa osekudlange kakhulu ezikoleni zokusoka ezingekho emthethweni.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Majola Nkohli uthe lomkhankaso uhlanganisa ithimba elakhiwe ngamalungu ombutho wamaphoyisa kanye nabamele uMnyango wezeMpilo e-EC, u-Cogta kanye nezinhlangano ezizimele ezahlukene.

“Bonke abesilisa abahlanu abaphakathi neminyaka ka-23 no-35 basagcinwe esitokisini, ayisishiyagalombili esewonke amacala aphenywayo kuze kube manje,” Kusho uMajola.

UNkohli uthe kutshalwe amathimba kuzo zonke izifunda eziyisishiyagalombili ukuze aqinisekise ukuthi zonke izikole zokusoka ziyahambisana nomthetho.

Ngokomthetho we-Health Standards in Traditional Circumcision Act ka-2001, zonke izikole zokusoka, odokotela kanye nabahlengikazi bendabuko kufanele babhaliswe eMnyangweni wezempilo wesifundazwe.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nomthetheleli Mene unxuse abazali ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo uma behambisa izingane zabo ezikoleni zokusoka.

“Siyabaxwayisa abazali ukuthi le mithetho iyabaphoqa ukuthi babambe iqhaza ngesikhathi sokusoka. Ukungalandeli imigomo kungaholela ekushushisweni.” Kwengeza uMene.

Osesithombeni esingenhla: Isikhulu samaphoyisa ngesikhathi begasela esikole sokusoka esingekho emthethweni.

Isithombe: SAPS

Izihloko zakamuva