Lubhalwe nguZukile Majova no-Everson Luhanga
Iphoyisa elikhohlakele elisebenza esiteshini e-Katlehong North lisolwa ngokuba ungqondongqondo esigamekweni sokugebengwa kwemoto yemali (CIT) elokishini ngoLwesihlanu.
Endaweni esekhoneni e-Kgotso eseduze nomgwaqo uMpambo esigcemeni sikaMavimbela e-Katlehong, izigebengu ezinesibindi zihlasele imoto ethwala imali yakwa-Fidelity Cash Solutions.
Basebenzise i-BMW 3 series yama-1990s ukuze bashayise imoto yemali ukuze ime. Babe sebephoqa onogada ukuba baphume emotweni, badubula bebhekise esixukwini base besebenzisa namabhomu ukuze bavule isisefo.
I-Scrolla.Africa sithole imininingwane ekhethekile yokuthi lokhu kugetshengwa kwe-CIT kuhlelwe kanjani umseshi osebenza esiteshini samaphoyisa e-Katlehong North esingeke sikwazi ukudalula igama lakhe.
NgoLwesine umsolwa ucele umakhelwane wakhe esingeke sikwazi ukudalula igama lakhe ukuthi amsize afihle izimoto ezimbili zohlobo lwe-Mercedes-Benz ne-BMW eyodwa endaweni yakhe enamagaraji amabili.
Umsolwa oseboshiwe utshele amaphoyisa ukuthi ucele omunye umngani wakhe oseduze nalapho ahlala khona ukuba afihle imoto yesithathu egaraji lakhe.
Ngemuva kwalokhu uhambe nequlu labesilisa nge-Toyota Quantum.
NgoLwesihlanu umsolwa ufike ngehora leshumi ekuseni ehamba nge-Quantum nethimba elifanayo ukuzolanda izimoto.
Lezi zimoto ezintathu kanye netekisi ngokuhamba kwesikhathi zibandakanyeke esigamekweni sokugetshengwa kwe-CIT.
Emini izigebengu zigasele iveni yemali. Kuyisu elivame ukwenzeka uma kugetshengwa i-CIT, ukuthi izigebengu zisebenzise izimoto zohlobo oludala zama-sedan ase-Germany onyaka wama-80s nama-90s ngoba ziqinile ngaphambili.
Abasolwa babe sebekhipha onogada babayalela ukuthi balale phansi ngaphambi kokuthi bavule isisefo ngamabhomu.
Baphinde badubula bebhekise esixukwini ebesibukela, kwadubuleka owesilisa entanyeni nowesifazane ngenhla kwengalo.
“Abasolwa babe sebebaleka endaweni yesigameko ngezimoto ezahlukene okuyi-BMW 3 series emhlophe, i-Mercedes-Benz emhlophe, i-Mercedes-Benz esiliva ne-Toyota Quantum. Imoto yohlobo lwe-BMW esetshenziswe ukuqola iveni yemali isale endaweni yesigameko,” kusho umthombo wethu.
Ngemuva kokulunywa indlebe amaphoyisa athole izimoto ezimbili zohlobo lwe-Mercedes-Benz endaweni kamsolwa emgwaqeni u-Asparagus e-Palm Ridge abopha abesifazane ababili nabesilisa abathathu abaficwe kulendawo.
I-Mercedes eyodwa idunwe e-Moffatview kwathi enye yadunwa e-Meadowlands kanti i-BMW idunwe e-Eden Park.
Umsolwa uboshwe esemzini wakhe elungiselela ukuya emsebenzini ebusuku.
Kutholwe inqwaba yama-numberplate ezimoto zamaphoyisa emzini wakhe, namajakhethi okuzivikela amaphoyisa kanye namadokodo amabili athinta icala lokuzama ukubulala.
Abasolwa abahlanu bagcinwe esitokisini samaphoyisa eSAPS e-Eden Park kanti ungqondongqondo uvalelwe esiteshini samaphoyisa e-Brackendowns.
Esithombeni esingenhla: Kuboshwe abasolwa abathathu esigamekweni sokubamba imoto yemali ngoLwesihlanu
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe