Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Umama (31), nesoka lakhe baboshwe ngoLwesibili ebusuku ngelokubulala indodana yabo eneminyaka emine.
Okhulumela amaphoyesi ase-North West, uLieutenant-Colonel Amanda Funani, uthe lezi zithandani zabulala indodana yazo nyakenye zayingcwaba emgodini ongashoni esigangeni esingaphandle kwase-Boitekong Extension 4 e-North West.
Uthe izakhamizi zaqala ukusola ngesikhathi zingasayiboni ingane.
“Ngokolwazi olutholakele, ingane yagcina ukubonwa omakhelwane ngo-2023,” kusho uFunani.
“Baqala ukubuza imibuzo, kodwa umama ubeshona le nale. Kuleli sonto umphakathi unqume ukuthi uxhumane nekhansela ngalolu daba, wahamba wayokhuluma nomama ozivumele yena ngakwenzile.
“Kusolakala ukuthi uzivumele ngowakhe ukuthi yena nesoka lakhe babulala ingane base beyigqiba emgodini ongashoni emahlathini.”
UFunani uthe ikhansela namalungu omphakathi banikele emaphoyiseni umama nesoka lakhe, babekwa icala lokubulala.
Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yase-Rustenburg ngomhlaka-8 kuNtulikazi.
ULieutenant-General Sello Kwena, uKhomishana wamaphoyisa ase-North West, uncome umphakathi ngokungazithatheli umthetho ngezandla kodwa wasebenzisana namaphoyisa ekuboshweni kwabasolwa.
Esithombeni ngenhla: Indawo yesigameko.
Umthombo: Ifayela