Lubhalwe ngu-Oluwakemi Adelagun
Izithandani mbumbulu obekuthiwa zilibangise eNdiya ngezizathu zokwelashwa, zihlangabezane nezimbila zithutha ngesikhathi abophiko le-Drug Law Agency yase-Nigeria zibashaqa.
Laba ababili abebezenza izithandani bebegwinye izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine ezingu-184 ezinesisindo esingu-3.3kg. Okwenezela kulokhu okushaqisayo, owesifazane ubefihle amagremu ayikhulu ezidakamizwa esithweni sakhe sangasese. Ibhizinisi labo lokushushumbisa linqanyulwe ngokushesha esikhumulweni sezindiza sase-Lagos.
Okhulumela uFemi Babafemi udalule ukuthi lesi sigameko asigcinanga ukwenzeka kulezi zithandani mbumbulu kuphela. Abophiko lwamaphoyisa bashaqe i-heroin ne-meth efihliwe ngobuhlalu, kwizinsipho, ngisho ne-MP3 Player ezimpahleni eziya e-New Zealand, e-Greece, nase-Hong Kong.
Sikwethulela izigebengu ezinkulu u-Ilonzeh Onyebuchi no-Ilonzeh Nonyelum. Babanjwe ophikweni lwesikhumulo sezindiza sase-Lagos ngomhlaka-1 kuNcwaba bezogibela indiza esuka e-Ethiopia iya eNdiya.
Umsolwa wesilisa ukwazile ukukhipha izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine ezingu-82, okwenze u-1.822kg ezikhathini ezinhlanu ezihlukene. Ngaleso sikhathi, u-Ilonzeh ukhiphe ezingu-101.
Ngokumangalisayo, naphezu kwezincwadi zokuhamba ezingaguquki ezibakhomba njengezithandani, uphenyo lwembule okuhlukile. Kuvele ukuthi bebengebona nhlobo izithandani. Bekufana izibongo nje kuphela ukuze bagweme ukuhlolwa kokuphepha esikhumulweni sezindiza.
Kamuva, lona wesifazane uvumile ukuthi unguNkechi Ngogbike.
Kuvele izinsolo ngesikhathi abomthetho besebenzisa iskeni emzimbeni wabo.
Okutholwe iskeni? Impela laba bobabili bebeshushumbisa izidakamizwa, okuholele ekutheni baphoqwe ukuba bazikhiphe.
Kube sekuvela okunye. Lo wesifazane ugonyuluke wathi ukuqashwa kwakhe kwenzeka ngaphakathi kwezindonga zesonto lakhe lase-Abia State, elamthembisa u-$5,000 ngokuletha izidakamizwa ngempumelelo eNdiya.
Uzakwabo, obezidayisela ngezimpahla zokugqoka e-Onitsha, esifundazweni Sase-Anambra ukuvumile ukuzibandakanya kwakhe. Ngemizamo yakhe, uthenjiswe u-$2,000.
Okuthusa kakhulu ukuthi umsolwa wesilisa ubenomlando. Uke waboshwa ngaphambilini e-Nnamdi Azikiwe International Airport Abuja ngoNdasa 2022, ephethe izidakamizwa eziyikhulu zohlobo lwe-cocaine ezinesisindo esingu-2.243kg. Yize waboshwa, wadedelwa ngebheyili ngebhadi usephinde wazithola eboshwa futhi esikhumulweni sezindiza sase-Lagos ngecala elifanayo ngomhlaka-1 kuNcwaba.
I-ejensi ayigcinanga lapho. Baphinde bathola amagremu angu-272 e-dextromethorphan eboshwe nge-heroin efihlwe ngobuhlalu obumhlophe bentamo elibangise e-Greece. Khonamanjalo kuphinde kwatholakala amagremu angu-665 ensangu efihlwe ngaphakathi kwensipho eya e-Hong Kong.
Lolu daba lwezidakamizwa luzokushiya uzibuza ukuthi kungani abantu bencamela ukuzifaka engozini ngenxa nje yemali.