Dylan Bettencourt
Izintatheli ezimbili zase-Norway ezibika ngezimo zokusebenza zabasebenzi bokufika kuNdebe yoMhlaba ye-FIFA yowezi-2022 baboshwe e-Qatar ngesikhathi bezama ukushiya izwe.
Lezi zintatheli ezimbili zibenengxoxo nabasebenzi abambalwa bamanye amazwe bekhombisa izimo zabo zokusebenza ngesikhathi sokusakazwa futhi batshela ababukeli ukuthi abasebenzi “baphethwe kabi.”
Zombili lezi zintatheli ziboshwe ngaphandle kwehhotela ngeSonto ebusuku zayiswa esiteshini samaphoyisa ukuze ziyophenywa. Badedelwe ezinsukwini ezimbili kamuva futhi manje basekhaya e-Oslo.
Umkhulumeli kahulumeni wase-Qatar uthe izintatheli ziboshelwe “ukungena endaweni yomuntu nokuthwebula ngaphandle kwemvume.”
Ngasekuqaleni konyaka umbiko uveze ukuthi babalelwa kwabayizi-6 500 abasebenzi asebeshonile ngenxa yezimo zokusebenza ezingezinhle e-Qatar njengoba iningi lisahlupheka ngenxa yokubophezelwa abaphathi babo yize umthetho washintsha ngowezi-2018.
“Ekuhlanganeni kwethu sixoxe nabasebenzi abangafisanga ukukhuluma nezintatheli kumakhamera. Ngithe uma ngibacela ukuthi benze inhlolokhono, ngibone ukwesaba emehlweni abo,” kusho enye yezintatheli.
Umsakazi wase-Norway ku-NRK uthe babheka ukuboshwa kwezintatheli zabo njengokuhlasela inkululeko yabo nokukhuluma ngokukhululeka.
“Akwamukelekile ukuthi abezindaba bavinjwe ukuba benze ubuntatheli obukhululekile nobuzimele kweminye yemicimbi yezemidlalo emikhulu emhlabeni. Sizobe sidingida ukuthi lokhu kumele kusingathwe kanjani ne-FIFA,” kusho umqondisi ophethe leli phephandaba uThor Gjemund Eriken, esitatimendeni.
Bekungekhona okokuqala i-Norway itholana phezulu ne-Qatar. Lezi zintatheli ezimbili bekumele zihlangane no-Abdullah Idhais, owayengumqondisi wezokuxhumana kuNdebe yoMhlaba yowezi-2022 owagxeka uhulumeni wase-Qatar, kodwa waboshwa ngaphambi kwenhlolokhono eyayihleliwe.
Iphephabhuku lebhola lase-Norway likhiphe indatshana ebanzi echaza izizathu ezingadala ukuboshwa kuka-Idhais, ethi uboshelwe ukuvikela isithunzi sombuso wase-Qata ngemuva kokugxeka indlela abaphatha ngayo abasebenzi bokufika.
Umthombo wesithombe: @NBCNews