Kuboshwe izikhulu ezimbili zikaMasipala ngamacala enkohlakalo

Elmon Tshikhudo

Kuboshwe izikhulu ezimbili zikaMasipala wase-Thulamela e-Vhembe ngamacala enkohlakalo njengoba ulokhu uqhubeka nokushuba umkhonyovu wamabhange e-VBS.

Sekuboshwe izikhulu zikamasipala ezingaphezu kuka-25 komasipala abangu-20 kusukela kwavela leli hlazo ngo-2018.

NgoMsombuluko oKlebe babophe umphathi wakwamasipala kanye nowayeyimeya kamasipala kulo masipala futhi basagqunywe esitokisini.

Ukuboshwa kwabo kuza ngemuva kophenyo olunzulu lwamaphoyisa mayelana nengxenye yawo yokutshalwa kwemali engu-30 million yomasipala wase-Thulamela nebhange le-VBS elingasekho.

Samsung Galaxy 14G

Le mali engu-R30 million iyingxenye ka-R1.6 billion otshalwe ngomasipala ezweni lonke kuleli bhange.

Lowo owayeyimeya igama lakhe elaziwa i-Scrolla.Africa kuphela kusolwa ukuthi wathola imoto yohlobo lwe-Jeep engabiza imali engu-R638 000 komunye wababolekisa ngemali ebhange.

Umphathi kamasipala owaziwa i-Scrolla.Africa uboshelwe ukwephula umthetho we-Municipal Finance Act ngokuvumela ukuthi kutshalwe imali engu-R30 million.

Okhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalaba kodwa wathi ngeke akwazi ukudalula amagama abo njengoba lezi zikhulu zingakaveli enkantolo.

“Lezi zikhulu ezimbili ziboshiwe kanti zizovela eNkantolo yeMantshi yase-Thohoyandou ngoLwesibili,” usho kanje.

UMogale uthe kunabasolwa abangu-25 komasipala abangaphezu kuka-20 abavela phambi kwezinkantolo ezihlukene ezweni lonke.

Lokhu kumele kube yizindaba ezimnandi kwi-ANC Youth League kanye ne-South African Youth Council e-Vhembe osekunesikhathi eside bekhala ngokuthi kuboshwe lezi zikhulu ezimbili.

Scrolla World Cup Quiz