Kuboshwe izigebengu ngemuva kokuntshontsha imoto baphinde bashayisana nemoto yamaphoyisa

Everson Luhanga

Badune imoto baphinde bathumba umshayeli.

Ngesikhathi eshayela ethukile, amadoda amabili ashayise isivimbezelo somgwaqo, kodwa akwazi ukuqhubeka ashayele.

Kodwa, ngesikhathi eshayela ngesivinini esiphezulu ehamba ngomgwaqo wase-Impala e-Kagiso, entshonalanga neGoli, izigebengu zishayisane nemoto yamaphoyisa akwa-metro, kodwa amaphoyisa abengazi ukuthi le moto intshontshiwe.

Umsolwa omunye uphume ngewindi, kodwa umshayeli naye ongumsolwa uboshiwe.

Okhulumela amaphoyisa ase-Kagiso ukaputeni uSolomon Sibiya uthe kuboshwe umsolwa oyedwa ngoLwesihlanu ngemuva kokuba bantshontshe imoto endaweni yase-Swaneville, kwathi ngesikhathi bebaleka ngesivinini bashayisana namaphoyisa akwa-metro.

Abasolwa ababili bagqekeze emzini yalo obeyisisulu.

“Abasolwa bathole umnyango wesisulu uvulwe kancane bathatha isinqumo bawukhahlela,” kusho uKagiso.

“Bangene egumbini bakhomba isisulu ngesibhamu befuna izikhiye zemoto. Isisulu sizamile ukunqaba, kodwa bamshaye ngesidunu sesibhamu. 

“Isisulu sigcine sibanikezile ukhiye, kodwa bathe akasukume ahambe nabo futhi uyena ozoshayela imoto yakhe,” kusho uSibiya.

Noma kunjalo, abasolwa baphoqelele isisulu ukuba sihlale emuva baqala lapho-ke bazishayelela bona, kodwa bashayisa udonga.

“Umsolwa uqhubekile washayela. Ngesikhathi ehamba ngomgwaqo wase-Impala eduze kwase-Tshepisong, umsolwa uhlulekile ukushayela imoto yafuna ukuphuma emgwaqeni okuyilapho abashayisane khona nemoto yamaphoyisa.

“Umsolwa oyedwa ubalekile ngemuva kwesigameko esenzekile, kodwa obeshayela ubanjiwe waboshwa,” kusho uSibiya.

Amaphoyisa amabili aphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokulimala. Umsolwa oboshiwe ugcine eyiswe ejele ngoba ubenemihuzuko emncane.

“Ubhekene necala lokuduna imoto, ukuthumba, ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu kanye nelokushayela budedengu.

“Amaphoyisa azoqhubeka aphenye ukuze athole ukuthi umsolwa akabandakanyeki yini kwamanye amacala, kusho uSibiya.

Izihloko zakamuva