Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Izakhamizi zase-Ekurhuleni, eMpumalanga kanye nase-North West zinethemba lokuthi iqembu lezigelekeqe eligcwele ulaka seliphelile ngemuva kokuthi abasolwa abayisikhombisa baboshwe ngamaphoyisa ngoLwesine ebusuku.
Ngesikhathi amaphoyisa egasela e-Springs, umsolwa oyedwa udutshulwe walimala ngemuva kwemizamo yokubalekela ukuboshwa. Ube esephuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokubanjwa ngamaphoyisa.
Abasolwa ngokuba ngamalungu eqembu lezigelekeqe babekwe icala lokuduna izimoto, elokubulala kanye nelokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa ase-Springs, uSayitsheni Themba Tshabalala, uthe balunywe indlebe isakhamuzi esikhathazekile mayelana nokuthi akuphi amalungu eqembu lezigelekeqe elidume kabi.
“Le mininingwane isiholele ekhelini elise-Springs lapho okutholwe khona izibhamu ezintathu ezingekho emthethweni, ama-magazine ezibhamu amabili kanye ne-Hyundai Tucson okubikwa ukuthi iduniwe,” kusho uTshabalala.
Uqhube wathi lokhu kugasela kuholele amaphoyisa kwelinye ikheli elise-Springs lapho okutholakale khona ukhiye we-Tucson. Lokhu kuholele ekuboshweni komsolwa wesibili.
Abasolwa abahlanu abebesele baboshwe ngokuhamba kwesikhathi.
“Inqwaba yomakhalekhukhwini namajakhethi amathathu atholwe ebekiwe kanti nawo kusolakala ukuthi antshontshiwe.”
Kuphinde kwatholakala esinye isibhamu esihlobene nokubulawa ngesihluku kwephoyisa le-ProSafe uPhanuel Maluleka.
Abasolwa abayisikhombisa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Springs ezinsukwini ezizayo.
UTshabalala uxwayise ngokuthi uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka kanti baningi abasazoboshwa.
Isakhamuzi sase-Springs sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi asikaze sisole ukuthi umakhelwane waso uyabandakanyeka ezigamekweni zobugebengu.
“Kuyasikhulula ukuthi amalungu ezigebengu asusiwe emphakathini futhi azogcina ebhekane nengalo yomthetho,” kusho lo makhelwane.
Okuvezwe esithombeni esingenhla: Ezinye zezibhamu ezitholiwe
Umthombo: Amaphoyisa ase-Springs