Lubhalwe nguZukile Majova
Sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi iqili elingenazo iziqu lisebenza ezikhundleni eziphezulu kuhulumeni waKwaZulu-Natal futhi kungekho muntu oqaphelayo.
UNdunankulu uZweli Mkhize, uSenzo Mchunu, uWillies Mchunu kanye noSihle Zikalala abazange babone ukuthi banomphathi ongenazo iziqu kubasebenzi babo.
Phakathi kuka-2010 no-2019 wayeqashwe njengomphathi wephrojekthi ehhovisi likaNdunankulu ngemuva kokuhambisa iziqu zomgunyathi.
Ngokusobala umsolwa (40) waphumelela ngesikhathi enza inhlolokhono futhi wawuthola umsebenzi.
Ngo-2019 wafaka isicelo sokuba yiphini likamqondisi futhi isicelo sakhe saphumelela.
Ngesikhathi enza lowo msebenzi, uMnyango wezokuPhatha koMphakathi (DPA) waba nokusola ngesikhathi ethatha isikhathi eside ukwethula iziqu zakhe zangempela esikhundleni samakhophi.
Kuyo yonke le minyaka wayenza amakhophi futhi wayefumbathisa ukhomishana ukuze aqinisekise amakhophi ngaphandle kokwethula iziqu zangempela.
Amalungu oKlebe KwaZulu-Natal abophe umsolwa ngoMsombuluko ngemuva kokuthi i-DPA imbeke icala esiteshini samaphoyisa eMgungundlovu.
UKaputeni uSimphiwe Mhlongo uthe: “Kutholakale ukuthi iziqu zakhe bekungezomgunyathi kwabe sekuthathwa izinyathelo zokumqondisa izigwegwe. Ihhovisi likaNdunankulu laqolwa u-R3,720,422 kanti icala lokukhwabanisa libikwe esiteshini samaphoyisa eMgungundlovu. Idokodo lecala linikezwe amalungu oKlebe ukuze kuqhutshekwe nophenyo.”
Umsolwa uzovela eNkantolo yesiFunda yaseMgungundlovu ngomhlaka-16 kuNdasa ngo-2023.
NgoMbasa ngo-2021, ngaphezu kuka-35% wabaphathi abaphezulu kuhulumeni babengenazo iziqu ezidingekayo ezikhundleni zabo.
“Ngomhlaka-31 kuMasingana nyakenye cishe isibalo sehla ngo-10% safinyelela ku-25.9%. Njengamanje iziqu zabaphathi abangu-2,412 kwabangu-9,309 azibonakali kwi-Persal,” kusho uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi nokuPhatha uThulas Nxesi etshela iPhalamende.
Esithombeni esingenhla: OKlebe
Umthombo wesithombe: Facebook: SAPS