Kuboshwe isihlabani seqembu leSekhukhune ngezinsolo zokushayela siphuzile

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umdlali webhola weqembu leSekhukhune uRenaldo Paul Leaner, uchithe ubusuku bangoMgqibelo ezitokisini zamaphoyisa ezibandayo.

Lo nozinti uvalelwe esiteshini samaphoyisa eSebenza esolwa ngokushayela ephuzile. 

ULeaner udedelwe ngebheyili yamaphoyisa ka-R1 000 ngeSonto emini bebade.

Umngani kaLeaner, abehamba naye ngobusuku aboshwe ngabo, uboshwe naye ngokugxambukela emsebenzini wamaphoyisa.

Imithombo esondelene necala itshele i-Scrolla.Africa ukuthi umngani kaLeaner uzame ukuvimbela amaphoyisa ukuthi abophe isihlabani sebhola.

“Ubelokhu evula imoto yamaphoyisa ngesikhathi amaphoyisa eyivala. Ubelokhu etshela amaphoyisa ukuthi kumele abophe yena esikhundleni sokuthi abophe umngani wakhe ngoba ungusaziwayo.”

Umthombo uthe uLeaner naye ubelwa engafuni ukuboshwa amaphoyisa. “ULeaner ubephuzile elwa namaphoyisa enqaba nokuboshwa,” kusho umthombo.

Umthombo uthe lesi sihlabani sebhola sidale isigameko esifana nalesi ngemuva kokuboshwa kuze kwadingeka ukuthi amaphoyisa acele usizo.

“Ngesikhathi eseyiswe esiteshini, uye waqhubeka nokunikeza amaphoyisa izinkinga ngaphakathi esiteshini.”

Akugcinanga lapho. “Unikeze amaphoyisa izinkinga esibhedlela ngesikhathi ezama ukumdonsa igazi. Ubenqaba. Amaphoyisa athathe amahora amathathu ukuthi agcine emvalele.”

Esithombeni esingenhla: Unozinti weSekhukhune uRenaldo Paul Leaner.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva