Kuboshwe isigebengu esitholakale nesibhamu esantshotshwa eminyakeni eyi-17 edlule esiteshini samaphoyisa

Everson Luhanga

Ngemuva kokuthi isigebengu sicabange ukuthi siphunyukile ngesikhathi sibamba inkunzi esitolo ngesibhamu esingenamagazini kanye nezinhlamvu, sijahwe sabanjwa ilabantu esibabambe inkunzi.

Emuva kokuboshwa, amaphoyisa athole ukuthi lesi isibhamu esamaphoyisa akwa-SAPS esantshontshwa esiteshini samaphoyisa e-Moroka e-Soweto ngonyaka wezi-2005.

Akekho owayazi ngaleso sikhathi ukuthi isibhamu salahleka kanjani esitolo samaphoyisa.

Kwabikwa ukuthi kuzophenywa, kodwa akuboshwanga muntu futhi basheshe bakhohlwa.

Cishe eminyakeni eyi-17 kamuva, ngoMsombuluko isigebengu sisebenzise isibhamu esifanayo esintshontshiwe ukugebenga oshaya ithili oneminyaka engama-41 ubudala endaweni yokugcwalisa uphethiloli e-Krugersdorp West.

Okhulumela amaphoyisa ukaputeni uSolomon Sibiya uthe umsolwa ungene esitolo wayalela bonke abantu ukuthi bathule njengoba ubeveze isibhamu ebesifihlwe ngaphansi kwejakhethi yakhe.

“Isisulu sinikeze umsolwa imali engakadalulwa agcine ebaleke nayo,” kusho uSibiya.

“Ngesikhathi kuhujwa umsolwa iphoyisa elisebenza esiteshini samaphoyisa e-Wedela, ebeliya emsebenzini libone umsolwa obebaleka lase liyajoyina nalo,” kusho uSibiya.

Uthe umsolwa ugxume izindonga ezimbalwa ngaphambi kokuzifihla egcekeni ngemuva komuzi e-Bolton.

Kamuva wabanjwa yiphoyisa elinesibindi esaphethe sona lesi isibhamu.

USibiya uthe umsolwa oneminyaka engama-31 ubudala wase-Soweto usesitokisini samaphoyia futhi ubhekene namacala okugebenga ibhizinisi.

USibiya uthe uphenyo lokuqala lwamaphoyisa luveze ukuthi isibhamu esizishintshayo kwabikwa ukuthi sebiwe esiteshini samaphoyisa akwa-SAPS e-Moroka e-Soweto ngonyaka wezi-2005.

“Amaphoyisa ophiko oluyisipesheli azophenya kabanzi athathe isibhamu ayosihlola ukuze kutholakale ukuthi besike sasetshenziswa yini emacaleni afanayo,” usho kanje.

Ukhomishana wesifunda sase-Westrand uMajor General Fred Kekana ubegcwele ukujabula ngesikhathi eshayela ihlombe iphoyisa.

“Ilungu lethu likhombise isibindi nokuzinikela okukhulu ukunqanda ubugebengu obunyantisa kangaka, libeka engcupheni impilo yalo labhekana nomsolwa obehlome ngesibhamu,” kusho uKekana.

Izihloko zakamuva