Kuboshwe isigebengu ebesifunwa uthuli 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ubesolwa okungenani ezigamekweni zokugebenga eziyikhulu – kanti amaphoyisa nezikhulu zezokuphepha ezimbiza ngesigebengu esifunwa kakhulu eGoli zigcine zimbophile.

Ngemuva kweminyaka eyisithupha bethungatha ngokubambisana namathimba amaningi obugebengu amaphoyisa agcine emtholile umsolwa ongadalulwanga igama ngeSonto – esitokisini esebenzisa igama lomgunyathi.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi ukuboshwa kwale ndoda ehlomile neyingozi eminyakeni eyisithupha ngemuva kokuthi amaphoyisa eqale umkhankaso wokuyithungatha kuqede ukwesaba obesekugcwele ezindaweni ezisenyakatho yedolobha.

Eminyakeni eyisithupha edlule omunye umndeni wabhekana nesimo esibuhlungu ngesikhathi umsolwa egqekeza emzini wawo ethola izithandani nezingane zazo.

Akazange adubule kanye kodwa wadubula amahlandla ayisithupha ebhekise kumyeni – kwathi esehambile, unkosikazi waphuthumisa umyeni wakhe owayegcwele igazi esibhedlela.

I-Scrolla.Africa sikhulume nonkosikazi ocele ukungadalulwa.

“Ngesikhathi isigebengu singena endlini yethu umyeni wami wayesesitezi esiphezulu. Kodwa wezwa mina nezingane simemeza ngesikhathi sibona owesilisa ophethe isibhamu endlini yethu yokuphumula,” esho.

“Ngesikhathi umyeni wami ehla ezobona ukuthi kwenzakalani umsolwa wahosha isibhamu. Wadubula umyeni wami ngezinhlamvu eziyisithupha!”

Ngemuva kweminyaka emibili kwenzeke lesi sigameko, uthe ngesikhathi beseholidini lomndeni umyeni wakhe washona ephethwe isifo senhliziyo. Odokotela bathi ukuhlukumezeka kosuku olushaqisayo kwaba nomthelela ekushoneni kwakhe kungazelelwe.

Lo msolwa obefunwa kakhulu eGoli uboshwe ngeSonto wagqunywa esitokisini. Kuthiwa ububesebenziigama okungelona elakhe kusukela ngoLwezi.

Esitatimendeni sangaphakathi esikhishwe amaphoyisa nezinkampani zonogada umsolwa unamacala angaphezulu kwayikhulu abekwe wona.

“Lo muntu ubefunelwa amacala angaphezu kwayikhulu okugqekeza  ezindaweni ezisenyakatho neGoli eminyakeni eyisishiyagalombili edlule,” kufundeka isitatimende.

NgoMfumfu nyakenye ngemuva kokulunywa indlebe izinhlaka ezahlukene zakwa-SAPS kanye nethimba lonogaba, basebenza ngokubambisana nezokuphepha ezizimele ukuze kuqalwe uphenyo olugcwele mayelana nezigameko zokugqekeza.

“Ngokusebenzisana, amathimba akwazile ukubopha abasolwa abathathu aphinde athola isibhamu nemoto eyantshontshwa ngoLwezi nyakenye.”

Isitatimende siphinde sathi ngesikhathi kuboshwa abasolwa kube nokudubulana umsolwa obefunwa kakhulu walimala kanzima. Uphuthunyiswe esibhedlela egadwe ngamaphoyisa.

“Ngalesi sikhathi wanikeza iziphathimandla igama elingelona elakhe kanti ukuhlonzwa kwakhe kwabambezeleka ngenxa yokulimala,” kuqhuba isitatimende.

“Ngemuva kophenyo olwengeziwe kutholakale ukuthi umsolwa ungubani ngempela kusetshenziswa izigxivizo zeminwe futhi ziyaqinisekisa ukuthi umsolwa owaboshwa ngoLwezi nyakenye yilona obefunwa kakhulu eGoli.”

Umsolwa uzobekwa amacala amaningi enzeke kulo lonke elaseGoli – ikakhulukazi okugqekeza e-Bedfordview, e-Bryanston, e-Birdhaven, e-Emmarentia, e-Fairlands, e-Forest Town, e-Greenside, e-Glenhazel, e-Houghton, e-Linksfield, e-Northcliff, e-Morningside, e-Melrose, e-Norwood, e-Oaklands, e-Parkview, e-Parktown, e-Parkwood, e-Sandton, e-Sandringham, e-Senderwood, e-Strathavon, e-Saxonwold kanye nase-Westcliff.

Izihloko zakamuva