Lubhalwe nguSbongile Nonyana
Iphoyisa lidubule labulala indodana yalo endala nentombi yayo esencane ngemuva kwengxabano emzini walo.
Iphoyisa libize amaphoyisa ngemuva kwesigameko, laboshwa kuyo indawoi yesigameko.
Iphoyisa lidubule labulala indodana yalo nentombi yalo esencane emzini walo e-Mokomene Mashaha, e-Limpopo.
Iphoyisa (49) elisebenza ekamu lamaphoyisa e-Botlokwa, libulale indodana yalo (25) ngesikhathi kunengxabano ngoLwesine ebusuku.
Uphinde wadubula intombi yendodana yakhe (16), eshonele esibhedlela ngeSonto.
Ngemuva kokudubula, iphoyisa liye labiza amaphoyisa emzini walo, ambopha.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uLieutenant Colonel Stephen Thakeng uthe intombazane “ibe namanxeba amabi okudutshulwa yase iphuthunyiswa esibhedlela esiseduze.”
Amaphoyisa okwamanje awakazi ukuthi kungani iphoyisa lidubule izithandani. I-Independent Police Investigative Directorate (IPID) iphethe leli cala.
Iphoyisa livele eNkantolo yeMantshi yase-Morebeng ngoLwesihlanu kanti lisagqunywe esitokisini kuze kube kulalelwa ibheyili.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo wesithombe: File
