Kuboshwe iphoyisa nesihlobo ngokufa kowesifazane

Everson Luhanga

Kuboshwe iphoyisa kanye nesihlobo salo ngecala lokubulala owesifazane obethandana nonkosikazi waleli phoyisa.

Isidumbu sikaRefiloe Malope sitholwe ekujuleni komgodi wemayini e-Benoni empumalanga yeGoli ngoMsombuluko.

USeargent Thabo Letudi Mokoana (40), osebenzela esiteshini samaphoyisa e-Benoni eGoli, nesihlobo sakhe uModirelwa Maxwell Mokoana (42), bavele enkantolo ngoLwesibili bebhekene namacala okubulala, ukuthumba  nokwephula umthetho.

I-Scrolla.Africa sitshelwe ukuthi abasolwa bafake uMalope ebhuthini yemoto, bamusa emgodini wemayini eGoli bambulala ngemuva kokuba iphoyisa lithole ukuthi ubethandana nonkosikazi walo.

Umndeni kamufi, osazama ukuqonda ngokubulawa kwakhe ngesihluku, uthi ubeka amathemba awo kuziphathimandla ukuthi zibone kwenziwa ubulungiswa kubasolwa.

Abangani bakaMalope badalule kwi-Scrolla.Africa ukuthi ubenobudlelwano bothando obuyimfihlo nonkosikazi wemaphoyisa.

Abasolwa babonakale befaka uMalope ebhuthini yemoto esigodini sase-Kgaphamadi endaweni yamaphoyisa e-Hlogotlou mhla ziyisishiyagalolunye kuNhlaba kulo nyaka.

Umfowabo omdala kamufi uTshehla Malope, uthe ngemuva kokuthunjwa kwakhe, babenethemba lokuthi bazophinde bambone ephila ukuze adalule abesilisa ababili abanonya abamthumbile.

Kodwa akazange aphile ukuze alandise ngokwenzeke kuye, njengoba kuthiwa amadoda amabili ambulele amlahle ekujuleni komgodi wemayini e-Benoni empumalanga yeGoli.

UTshehla Malope uthe umndeni ngeke uphawule ngezinsolo zokuthi kungani iphoyisa libulale udadewabo njengoba icala lisemaphoyiseni. “Amaphoyisa aphethe icala, okuhlanganisa nezizathu zenhloso yokumbulala,” esho.

Umngani omkhulu kaRefiloe Malope, uBafana Surprise Mathebula, uthe bobabili bakhule ndawonye kanti ubemazi engumuntu ojabule ophila impilo engcono kakhulu.

“Ubungeke ubone uRefiloe elwa nanoma ngubani. Ubehlezi ejabule futhi uma ebona abantu belwa, ubezama ukubalamula.”

UMathebula uveze ukuthi uMalope ubethandana nonkosikazi wephoyisa.

“Ngesikhathi iphoyisa lizwa ukuthi unkosikazi walo uthandana nomunye wesifazane othandana nobulili obufanayo, akwehlanga kahle kulo lase lizingela uRefiloe,” esho.

Uthe kusolakala ukuthi iphoyisa liqashe isihlobo salo, uModirelwa Maxwell Mokoana, nobeyisigebengu esaziwa ngokuthumba, ukudlwengula, ukubulala kanye nokugebenga esikhathini esedlule. 

“UMokoana useke wabhadla ejele amahlandla amaningi. Kuyindida ukuthi waphuma kanjani ngemuva kokwenza amacala asabekayo,” esho.

UMathebula uthe ngesikhathi kuvela izindaba zokubulawa kukaMalope, isigodi sonke besishaqekile, abantu base behlaba umkhosi emaphoyiseni ukuthi asukumeke lolu daba ngokushesha.

Izihloko zakamuva