Kuboshwe iphoyisa elisolwa ngokuthinteka kolwasePhoenix

Celani Sikhakhane

Kuboshwe iphoyisa elizinze e-King Shaka International Airport ngezinsolo zokubandakanyeka esibhicongweni sase-Phoenix sokubulawa kwaboHlanga ngoNtulikazi nyakenye.

Leli phoyisa liboshwe ngesonto eledlule ngoLwesihlanu kanti kulindeleke ukuthi livele enkantolo yase-Verulam maduze ngamacala okubulala.

Lihambisana nabasolwa abayisithupha ababoshwa ngonyaka odlule ngemuva kwezinxushunxushu eziholele ekuchithekeni kwegazi kwashona abantu abangu-36 ePhoenix.

“Leli phoyisa kusolwa ukuthi beliyingxenye yequlu labantu abashaye izisulu ngezikhali ezahlukene kwadutshulwa kwabulawa ababili,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Ntali uColonel Thembeka Mbele.

Samsung Galaxy 14G

“Leli phoyisa lingumsolwa nabanye abasolwa abayisithupha asebevele enkantolo.”

Leli phoyisa liboshwe nabanye ababili ebelihamba nabo.

Isibhicongo sase-Phoenix sasusa intukuthelo nokushuba kwezinhlanga KwaZulu-Natali.

I-DA ithole ukugxekwa ngoNcwaba ngonyaka odlule ngokubeka izingqwembe zokhetho e-Phoenix ebezithathwa njenge ziqhuba ubandlululo.

Lezi zingqwembe bezisolwa ngokususa uthuthuva phakathi kwemiphakathi yase-Phoenix ngemuva kwalesi sibhicongo.

Scrolla World Cup Quiz