Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa ase-North West abophe uConstable, (31), ngezinsolo zokugebenga ngemuva kokuba iqulu labantu limhlasele kanzima.
Lowo asolwa naye uConstable Stembiso Ngamlane, okunguJacobus Haywood (30), nongelona iphoyisa kodwa obegqoke umfaniswano wamaphoyisa ngesikhathi kugetshengwa, ukwazile ukubalekela izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu kodwa wabuye waboshwa.
UNgamlane uphuthunyiswe esibhedlela egadwe ngamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-North West uBrigadier Sabata Mokgwabone uthe uNgamlane noHaywood kusolakala ukuthi bagebenge i-tuckshop yomuntu odabuka e-Bangladesh esigodini sase-Seweding, e-Mahikeng.
Uthe laba bobabili bazethula kumnikazi wesitolo njengamaphoyisa bathi bazosesha ukuthi ngabe udayisa ugwayi womgunyathi na.
UMokgwabone uthe umnikazi wesitolo uthathe laba ababili wabayisa lapho kugcinwa khona ugwayi.
“Ubesezinhlelweni zokuveza imvume yokuba kuleli, ebisendlini yakhe. Umsolwa wathatha umakhalekhukhwini womgilwa ngesikhathi ezama ukufonela usisi womkakhe,” kusho uMokgwabone.
“Ngemuva kokubona imvume, abasolwa bagebenge umgilwa ugwayi, ama-airtime voucher nemali.
Uthe udadewabo womkakhe ufikile wafuna ukubona ukuthi la madoda amabili angobani ngokusemthethweni.
Ingxabano yakhe nala madoda amabili idonse isixuku sabantu.
“UHaywood ukwazile ukubaleka kodwa uNgamlane washaywa kanzima ngamalungu omphakathi. Uphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uMokgwabone.
Imifaniswano yamaphoyisa ebihlanganisa ihembe elihlaza nejakhethi ekhombisa ukukhanya kutholwe endaweni engu-500m ukusuka endaweni yesigameko.
UNgamlane, osebenzela uphiko lwamaphoyisa ase-Madikwe, uboshwe mhlaka-13 kuNhlangulana esigodini sase-Seweding, e-Mahikeng.
UHaywood uboshwe esigodini sase-Lorwaneng, kwathathwa nezinye izimpahla zokugqoka zamaphoyisa ebezikuye.
Laba bavele enkantolo ngoLwesihlanu, icala lahlehliselwa umhlaka-25 kuNhlangulana ukuze bafake isicelo sebheyili.
UKhomishana wamaphoyisa e-North West uLieutenant-General Sello Kwena usigxekile lesi sigameko waphinde wagcizelela ukuthi ukuziphatha okungafanele kanye nokubandakanyeka kwabasebenzi abangamaphoyisa ezenzweni zobugebengu ngeke kubekezelelwe.
Esithombeni ngenhla: Umfaniswano wamaphoyisa ubugqokwe ngokungemthetho wumsolwa obehamba nephoyisa.
Umthombo: SAPS