Kuboshwe inqwaba ebizama  ukuketula umbuso e-Germany  

Bangu-25 abantu asebeboshiwe ngemuva kokuzama ukuketula uhulumeni wase-Germany, kodwa behluleka. 

Leli qembu labantu base-Germany kusolwa ukuthi bangamaphekula abehlele ukugasela ePhalamende lase-Reichstag baketule uhulumeni. 

Leli qembu lihlanganisa nomakadebona bempi.

Babalelwa ku-50 abesilisa nabesifazane okusolwa ukuthi bebeyingxenye yaleli qembu. Kuthiwa bakha itulo lokuketula uhulumeni esikhundleni sakhe bafake omunye omusha owabunjwa umbuso wango-1879 owawubizwa ngokuthi i-Second Reich.

Ababili kubasolwa baboshwe e-Austrial nase-Italy.

I-BBC News ibika ukuthi owesilisa okuthiwa uHeinrich XIII (71) inkosana izobekwa njengomholi kazwelonke.

Sebevele sebezisungulile izinhlelo  zokuphatha i-Germany neMnyango ebhekelele ezempilo, ezobulungiswa nezangaphandle, kusho umshushisi. Amalungu ayazi ukuthi angakwazi ukufeza izinhloso zawo kuphela njengezindlela zempi nodlame olubhekiswe kwabamelene nombuso”, okuhlanganisa ukubulala.

UHeinrich kusolakala ukuthi ungomunye wabaholi ababili abebefuna ukwesekwa e-Russia.

Angithi uvela emndenini wakudala ohloniphekile owaziwa ngokuthi i-House of Reuss eyayibusa izingxenye zesifunda sanamuhla esisempumalanga ye-Thuringia kwaze kwaba ngu-1918.

Umndeni kaHeinrich uziqhelelanisile naye njengoba okhulumela umndeni etshele abezindaba bendawo ukuthi uHeinrich ngesinye isikhathi uba nemibono esingahambisani nabo.”

Umshushisi Jikelele uPeter Frank uthe leli qembu belihlela ukuketula umbuso ngodlame kusukela ngoLwezi nyakenye kanti amalungu omkhandlu wawo abenemihlangano njalo.

Luhlanganiswe nguKamogelo Olaitan

Isithombe esingenhla eseNkosana uHeinrich XIII eholwa amaphoyisa

Umthombo wesithombe: Associated Press

Izihloko zakamuva