Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
● Ikhehla laseMthatha liboshelwe ukushaya libulale isoka lalo ngemuva kokuthi lithi liyisigebengu.
● Umndeni uthi laba bobabili bebesebudlelwaneni obebumukeliwe futhi umgilwa ubevame ukuhlala emzini womsolwa.
Ikhehla elineminyaka engu-74 ubudala laseMthatha liboshiwe ngezinsolo zokushaya libulale isoka lalo elineminyaka engu-31.
Kukholakala ukuthi laba bobabili bebesebudlelwaneni bobulili obufanayo.
Umufi, uLudwe Hlalukana, ubulawe ngoLwesithathu. Umndeni wakhe uthi yena nekhehla besebethandane isikhathi eside.
Ngemuva kokushaywa umsolwa uye emaphoyiseni ethi uHlalukana ugqekeze emzini wakhe. Kodwa umndeni kamufi uthi lokhu akulona iqiniso.
“Indodana yethu ibichitha ubusuku bayo lapho futhi bese sibamukele ubudlelwane babo,” umndeni utshele i-Scrolla.Africa.
Isishoshovu samalungelo abantu, uMnuz Petros Majola, osiza umndeni ukuthi uthole ubulungiswa, ukuqinisekisile ukuboshwa. Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMthatha.
“Zihlale zimbili izinhlangothi ezindabeni ngaso sonke isikhathi, sizokwazi kabanzi njengoba icala liqhubeka,” kusho uMajola.
Amaphoyisa ase-Eastern Cape abengakaziphenduli izicelo zokuthi aphawule ngesikhathi sokushicilela.
Esithombeni ngenhla: Umgilwa, uLudwe Hlalukana (31).
Umthombo: Sithunyelwe