Kuboshwe ikhehla ngelokushaya owayeyintombi ngesando

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ikhehla elineminyaka engu-67 ubudala laseDaveyton e-Ekurhuleni liboshiwe ngecala lokushaya owayeyintombi yalo oneminyaka engu-59 ubudala ngesando.

Kusolakala ukuthi umsolwa usanda kumemela isisulu emzini wakhe ngenhloso yokulungisa izinto ngeziphuzo ezidakayo.

Ngesikhathi laba bobabili bezophuza iziphuzo, isisulu sinquma ukuya emzini waso siyovala amafasitela njengoba belibukeka lishintsha izulu lizoletha imvula.

Sikhuluma ne-Scroll.Africa, isisulu esicele ukungadalulwa sithe ngesikhathi sibuya sifica umsolwa esengenwe amanzi amponjwana kancane.

“Uvele wabhoka ngolaka waqala wangisola ngokweba ubucwebe bakhe nebhayisikili ebengingazi lutho ngalo nganqaba nokuzwa isizathu.

“Wakhipha isando sakhe wangishaya izikhathi ezimbalwa,  kodwa ngakwazi ukubalekela endaweni ephephile,” sisho kanje.

Sengeze ngokuthi sinqume ukubushiya ubudlelwano babo ngemuva kweminyaka yokuhlukunyezwa futhi sesabela impilo yaso.

“Njalo uma ephuzile wayeba nobudlova futhi angihlasele, ngaleyo ndlela nganquma ukuhlukana naye.

“Ngangicabanga ukuthi usifundile isifundo ngesikhathi sihlukana kodwa akukho okushintshile, wangisabisa ngokungibulala futhi ngamkholwa ngenxa yentukuthelo eyayiphambi kwakhe,” 

Okhulumela i-EMPD uLieutenant Colonel Kelebogile Thepa ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

“Umsolwa utholwe emgwaqeni e-Koni endaweni yaseDaveyton kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseDaveyton maduze,” kusho uThepa.

Esithombeni esingenhla: Umsolwa evalelwe amaphoyisa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva