Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa abophe umlisa (66) ngezinsolo zokudlwengula intombazanyana eneminyaka emine enkulisa yendodakazi yayo eMfuleni, eKapa.
Unina wengane uthe indodakazi yakhe imtshele ngesigameko esenzeke ngoLwesine ngesonto eledlule. Intombazane ithe umsolwa osebenza njengomshayeli wezokuthutha kule nkulisa uyibeke emathangeni wayikhumula izingubo ngaphambi kokuthi ayidlwengule.
Ingane ikhale ngobuhlungu ngesikhathi ihlaselwa.
“Bengingazi ukuthi ngenzenjani ngoba ungitshele lokhu ebusuku, ngibe sengithinta ubaba wakhe ngokushesha,” kusho unina.
“Umsolwa ulande indodakazi yami njengoba bekunguyena obeshayela enkulisa, sibe nesivumelwano nenkulisa ukuthi bazoyilanda ngezithuba zabo-5.40 ekuseni, njengoba kuyisona sikhathi esifanayo okumele ngihambe ngaso ngiya emsebenzini.”
Ingane iye enkulisa ngoLwesihlanu ngesikhathi umndeni usanquma ukuthi wenzenjani ngesimo esesivele.
NgoMgqibelo, udokotela wahlola ingane waqinisekisa ukuthi inukubeziwe.
“Sibe sesidlulela esiteshini samaphoyisa, waboshwa umsolwa. Ngilimele. Kungani loya muntu enukubeze indodakazi yami?” kubuza umama.
Leli cala licasule abantu baseMfuleni, abanye abafuna kuvalwe inkulisa.
USindiswa Buqwana onengane efunda kule nkulisa uthe: “Ungangikholwa uma ngingathi asikaze sivunyelwe ukungena ngaphakathi enkulisa? Sima ngaphandle kwesango uma silethe izingane zethu, bese kuqhamuka umuntu ozozilanda,” kusho uBuqwana.
“Sizenzele phansi izingane zethu, sibayise endaweni esingayazi. Bekufanele sibuze ukuthi asivunyelwe nini ukungena ngaphakathi, kodwa sakhetha ukuthula. Ubani owaziyo uma ezinye izingane zihlukunyezwa lapho?”
Umphakathi unethemba lokuthi umsolwa usazohlala ejele.
Wonke umuntu uphoxekile ngoba umsolwa umuntu osekhulile futhi osontayo, besingacabangi ukuthi angayenza le nto, kumele abolele ejele,” kusho uBuqwana.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uSergeant Wesley Twigg ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa wathi uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBlue Downs.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela
