Kuboshwe ikhansela le-ANC ngezinsolo zokugwaza libulale unogada

Dalphine Tagwireyi

Ikhansela le-ANC kuMasipala waseVictor Khanye liboshiwe ngemuva kwezinsolo zokugwaza onogada ababili ngaphandle kwendawo yokucima ukoma e-Dembas.

Onogada abasebenza Kwakhehla Tavern bacele wonke amakhasimende ukuthi akhokhe imali yokungena engu-R50, kungakhathalekile ukuthi angobani.

Kuthiwa ikhansela libhoke ngolaka ngesikhathi lijikiswa ngoba lingafuni ukukhokha.

Liqale ukumemeza lathi “Uyazi ukuthi ngingubani? Uyazi ukuthi ngingubani?”

Kusolwa ukuthi ngemuva kwalokho libe seligwaza unogada. Ngesikhathi omunye unogada ezolamulela uzakwabo naye uye wagwazwa.

Oshonile odabuka e-Zimbabwe, uhlonzwe ngokuthi uTichaona Madumbe. Umsebenzi wakulendawo  uthe ngesikhathi bezwa umsindo ngaphandle bahambe beyobheka ukuthi kwenzakalani.

“Sifice ikhansela lihilizisana nonogada lithi njenge khansela kumele livunyelwe ukuthi lingene  lingakhokhile,” usho kanje.

Uthe onogada bebelinqabela ukuthu lingene lavele  lakhipha ummese lagwaza uMadumbe owaziwa ngabangani bakhe ngoTich.

“UTich uwe ngokushesha ngemuva kwalokho. Ubelele phansi igazi ligeleza kuye. UKatlego Masina uye waphuthuma ethi uyosiza uzakwabo kodwa naye wagwazwa,” kusho lo msebenzi.

UMadumbe ushonele endaweni yesigameko. Kubikwa ukuthi sibi isimo sikaMasina esibhedlela.

Umhlali wase-Delmas kwisigceme sesi-4, uMnu Bheka Nkosi, uthe amalungu e-ANC ake abhikishela ukukhethwa kwekhansela njengesisebenzi sikahulumeni ngenxa yomlando walo wokuba nodlame.

“Leli khansela licabanga ukuthi lingcono kunabanye njengoba belingafafuni ukukhokha u-R50,” kusho uNkosi.

Okhulumela amaphoyisa e-Delmas uKaputeni Ray Hartley usiqinisekisile lesi sigameko wathi ikhansela liboshwe ngeSonto ebusuku futhi libhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala.

“Uvele kafushane enkantolo kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-26 kuMasingana ukuze afake isicelo sebheyili. Okwamanje ugcinwe esitokisini,” kusho uHartley.

Izihloko zakamuva