Kuboshwe ikhansela le-ANC ngemuva kokubonakala kumakhamera e-CCTV lintshontsha

Lungani Zungu

Ikhansela le-ANC ewadini lase-Daveyton, e-Ekurhuleni, lihambe layontshontsha izimpahla – lingena liphuma ezitolo zakwa-Total Sports nase-Markhams amahlandla amathathu. Kodwa ubengazi ukuthi amakhamera e-CCTV ambhekile.

Amaphoyisa ahlasele uSolly Seloane ngoMsombuluko, ngemuva kokuhlanganisa izithombe ze-CCTV emasontweni amathathu ngemuva kokuphanga okwahlasela i-Gauteng neKwaZulu-Natali.

USeloane kuthiwa ubephakathi kweqembu labantu abantshontshe kwa-Markhams nakwa-Total Sports.

Uvele enkantolo yemantshi yase-Daveyton ngoLwesibili, lapho ebekwe khona icala lokweba, ukutholakala nempahla eyebiwe kanye nodlame emphakathini.

I-ANC e-Ekurhuleni ikuqinisekisile ukuboshwa kwakhe.

UNobhala weqembu esifundazweni uThembinkosi Nciza uthe wonke amalungu e-ANC akulesi sifunda axhumene nokuphanga azobhekana nengalo yomthetho.

“Nakanjani sizosungula izinqubo zethu zokubhekana namalungu ethu abeyingxenye yezinxushunxushu ezweni lethu emasontweni amathathu edlule,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Sizothembela kumthethosisekelo we-ANC kumalungu abekwe amacala obugebengu.”

Ngokusho kwabaphathi bezitolo, uSeloane wabanjwa oqotsheni engena kathathu ezitolo zakwa-Markhams nakwa-Total Sports.

Omakhalekhukhwini, okokugqoka namateku ngezinye zezinto okusolwa ukuthi zebiwe.

Okhulumela amaphoyisa uConstance Moalosi uthe baningi abasazoboshwa.

“Nabasolwa abafunwayo bazovezwa uma sekuphothulwe uphenyo lokuqala,” esho.

USeloane usesitokisini samaphoyisa kanti uzophinde avele enkantolo ngoLwesihlanu lapho ezofaka khona isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

Khonamanjalo, uMbuso Moloi waseThekwini owabonakala efaka izimpahla “emotweni yohlobo lwe-Mercedes Benz” usezinikele emaphoyiseni ngemuva kokusabalala kwevidiyo yakhe ethwele izimpahla ezivela kwa-Woolworths ezinkundleni zokuxhumana.

UMbuso, obonakala kulevidiyo esabalele efaka izimpahla emotweni i-Mercedes Benz, ukuphikile ukuthi wazintshontsha izimpahla.

Kunalokho uthe izimpahla wazithola ngaphandle kwesitolo wabe esezithathela.

Izihloko zakamuva