Kuboshwe ikhansela le-ANC ngecala lokudlwengula

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kuboshwe ikhansela le-ANC ngecala lokudlwengula e-Braamfischerville, e-Soweto.

Ikhansela elingeke lidalulwe igama kuze kube livela enkantolo kuthiwa likhombe isisulu ngommese lamshaya ngesibhakela ebusweni lamhudulela ehlathini lafike lamdlwengula amahlandla ayisikhombisa.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi lona wesifazane ubephuma endaweni yokucima ukoma ngemuva nje kwamabili ngesikhathi ikhansela liza kuye limfaka kulolu sizi.

Umthombo osondelene naleli cala uthe lona wesifazane utshele amaphoyisa ukuthi udlwengulwe amahlandla ayisikhombisa ngemuva kokuthi umsolwa amshaye ngesibhakela aphinde amkhombe ngommese.

Umthombo uthe icala libikwe ophikweni oluphenya ngodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi (FCS). Izikhulu zithathe isisulu zasiyisa esibhedlela ukuze sithole ukwelashwa ngaphambi kokuthi kubhaliswe icala.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uColonel Dimakatso Nevhuhulwi usiqinisekisile lesi sigameko.

UNevhuhulwi uthe “amaphoyisa aseGoli engakuqinisekisa ukuthi owesilisa (44) uboshwe ngomhlaka-21 kuNhlaba kulo nyaka ngecala lokudlwengula.

“Kubikwa ukuthi phakathi kwamabili ngomhlaka-21 kuNhlaba kulo nyaka isisulu sesifazane (42) besiphuma endaweni yokucima ukoma e-Braamfischerville ngesikhathi sihlaselwa ngowesilisa esimaziyo. Kusolwa ukuthi umsolwa uye wakhomba isisulu ngommese wasishaya ngesibhakela ebusweni ngaphambi kokusiphoqa ukuthi sikhumule asidlwengule.

Uthe udaba lubikiwe emaphoyiseni umsolwa waboshwa ngalo lolo suku. Kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze ngecala lokudlwengula.

Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa

Izihloko zakamuva