Kuboshwe amawele ngomkhonyovu

Dylan Bettencourt

Amawele amabili ase-China asebenzise iphasiphothi eyodwa kanye nomazisi ohambweni lwamazwe ngamazwe amahlandla angaphezu kuka-30 ngaphambi kokuba abanjwe futhi aboshwe.

Amawele akwaZhou edolobheni lase-China i-Harbin aboshiwe futhi ayaphenywa, ngokusho kwe-Harbin Daily.

Icebo labo laqala ngesikhathi omunye wabo ezama ukuya e-Japan nomyeni wakhe kodwa isicelo sakhe se-visa senqatshwa kaningi.

Kodwa iwele lakhe 

laliphethe i-visa yase-Japan ngakho banquma ukusebenzisa ukubukeka kanye nemininingwane yabo efanayo ukuze benze lobu bugebengu.

Elinye iwele lisebenzise le phasiphothi amahlandla angaphezu kuka-30 ohambweni lwabo phakathi kwe-China, i-Japan kanye nase-Russia.

Iwele ebeline-visa yase-Japan lisebenzise iphasiphothi kadadewabo ukuze liye e-Thailand amahlandla amane.

Kuthiwa lo mkhonyovu wabanjwa ekuqaleni kwalo nyaka kodwa waze wabonakala kahle ngemuva kokutholakala enkundleni yezokuxhumana i-Weibo.

Womabili la mawele abuyiselwe e-China ngoNhlaba.

UWang Xiaodong, iphoyisa lendawo elivela emnyangweni ophethe abaphuma emazweni angaphandle uthe la mawele abesizakala ngenxa yolibofuzo lawo.

“Ungabuza nabaphathi bomnyango wabaphuma emazweni angaphandle mayelana nezindaba zakho zephasiphothi kodwa awukwazi ukuya phesheya usebenzisa iphasiphothi yomunye umuntu,” kusho uXiaodong etshela amawele.

Amaphoyisa aphenya laba ababili “ngokuphazamisa ukuphathwa kwendawo noma umngcele.”

Umthombo wesithombe: @GlobalTimes

Izihloko zakamuva