Kuboshwe amaphoyisa omgwaqo ngokudayisa izincwadi zokushayela

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • OKlebe babophe izikhulu zomgwaqo ezingu-13 e-Limpopo ngezinsolo zokudayisela abantu abangaziphasanga izivivinyo zokushayela.
  • Izikhulu zikhokhise abashayeli abaphelelwe ithemba u-R8,600 ngamalayisense angekho emthethweni.

Abaphenyi bathole ukuthi, izikhulu zomgwaqo e-Limpopo zikhokhise abashayeli abaphelelwe yithemba u-R8,600 ngamalayisense angekho emthethweni.

OKlebe kanye ne-National Road Traffic Management Corporation (RTMC) babophe izikhulu eziyisikhombisa ezineminyaka ephakathi kuka-37 no-62 eMnyangweni wezokuThutha e-Thabazimbi ngoMsombuluko.

Lokhu kulandela ukuboshwa kwabanye abayisithupha ngempelasonto esikhungweni esikhipha amalayisensi e-Lephalale, nokwenza isibalo sabasolwa sibe ngu-11.

Kwababoshiwe kubalwa umphathi, abahloli bokushayela, omabhalane nabafundisa ukushayela.

Okhulumela i-RTMC, uMnuz Simon Zwane, uthe baqale ukuphenya ngo-2021 ngemuva kokuzwa ngezikhulu ezidayisela abantu abangaphasanga izivivinyo zokushayela amalayisensi ne-learners.

“OKlebe bashaqe imishini engubuchwepheshe okukholakala ukuthi iqukethe imininingwane engasiza ophenyweni.

“Ithimba lisamatasa nomsebenzi wokubhekana namacala okukhwabanisa nenkohlakalo esifundazweni sase-Limpopo, kanti kusazoboshwa abanye.”

UZwane uthe abanye abasolwa abayisikhombisa base-Mutale Driving License Testing Centre, e-Thohoyandou, ababoshwe ngoZibandlela, bavele eNkantolo yaMacala e-Commercial e-Giyani.

“Ukuboshwa kwabo kulandelwe wukukhala komphakathi ngenkohlakalo okuthiwa yenziwa eminyangweni.

“I-RTMC ngokubambisana noKlebe baqale uphenyo kwatholakala ukuthi amalayisense adayiswa ngemali elinganiselwa ku-R8 600 umuntu ngamunye.

“Badedelwe ngebheyili ka-R10 000,” esho.

Esithombeni esingenhla: Abasolwa ababoshiwe.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva