Kuboshwe amaphoyisa omgwaqo ayishumi ngezinsolo zokugwazelwa nokukhwabanisa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa omgwaqo angu-11 aboshelwe ukugwazisa kanye nokwenza inkohlakalo ngemuva komkhankaso omude owenziwe uphiko lweNational Traffic Anti-Corruption Unit kanye nabaseshi besifundazwe.

La maphoyisa kuthiwa athatha imali yokugwazelwa ukuze azibe ukwephulwa kwemithetho yomgwaqo nezinye izinto eziphambene nomthetho ezenziwa ngabashayeli.

Okhulumela iRoad Traffic Management Corporation uSimon Zwane uthe uphiko olulwa nenkohlakalo kanye namaphoyisa e-SAPS babophe amaphoyisa omgwaqo ePolokwane ngoLwesihlanu.

“Abasolwa baboshwe ngezinsolo zokuthi bebedla imali yokugwazelwa abashayeli bamabhasi, abamatekisi nabashayeli abehamba kuthelawayeka u-N1 phakathi kwePolokwane neMusina,” kusho uZwane.

“Izikhulu beziphenywa kusukela ngoNdasa ka-2022 njengengxenye yomkhankaso womshoshaphansi obizwa nge-‘Coconut’, oqondiswe ukubopha abomthetho abathinteka ekuziphatheni okuphambene nomthetho okugcina kudala izingozi eziningi ku-N1.”

UZwane uthe uphenyo luveze ukuthi amaphoyisa omgwaqo asebenza kuthelawayeka u-N1 naphuma emadolobheni nasezigodini ashiya umsebenzi wawo ukuze abambe iqhaza ezenzweni zenkohlakalo.

“Kusolakala ukuthi la maphoyisa amisa abashayeli bese ebahlola, afune ukugwazelwa esikhundleni sokuthi akhiphe izinhlawulo zomgwaqo uma ethola ukuthi kukhona amaphutha ezimotweni noma izincwadi zokushayela,” usho kanje.

“Umsebenzi womshoshaphansi wokuvimbela, ukutholwa noma ukuphenya wenziwe ngemuva kokutholwa kwemvume yokuboshwa kuMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi.”

Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePolokwane maduze ukuze babhekane namacala okwephula umthetho, ukuqola nokuthatha imali yokugwazelwa kubashayeli, abashayeli bamabhasi kanye nezimoto ezithutha izimpahla eziya eZimbabwe ku-N1 neminye imizila.

Esithombeni esingenhla: Izikhulu zomgwaqo ezingu-11 eziboshiwe.

Umthombo: RTMC

Izihloko zakamuva