Kuboshwe amaphoyisa ngelokushaya 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kuboshwe amaphoyisa ayisithupha e-Boksburg North e-Gauteng ngokufaka umnikazi we-scrapyard esibhedlela kwikhoma baphinde bamphuca izintambo zikagesi zethusi.

Uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) likuqinisekisile ukuthi amaphoyisa amane aboshwe ngoLwesithathu ngecala lokushaya nokuhlukumeza isisulu kabuhlungu saze sachitha izinsuku eziyisishiyagalolunye siqulekile.

Amaphoyisa amabili aboshelwe ukushaya isisulu, oqhamuka ezweni langaphandle kanye nokuntshontsha izintambo zethusi.

Okhulumela i-IPID uLizzy Suping uthe lesi sigameko sokushaya senzeke ezitokisini zamaphoyisa mhla ziyisishiyagalolunye kuMasingana.

“Isisulu nabangani baso bamiswa amaphoyisa efuna ukubona omazisi babo. Kuthe uma isisulu sihluleka ukuveza amaphepha adingekayo, wayiswa esiteshini samaphoyisa okuyilapho okusolakala ukuthi ushawe waphinde wahlukunyezwa ngamaphoyisa,” kusho uSuping.

Uthe isisulu siphuthunyiswe esibhedlela ukuze sithole usizo lwezempilo okuyilapho esihlale khona izinsuku eziyisishiyagalolunye singavuki.

“Amaphoyisa amane aboshiwe kukhona uSayitsheni no-constable abathathu kanti babhekene namacala okushaya, ukulimaza umzimba kanye nokwephula umthetho.”

La maphoyisa amane angaphansi koMnyango wamaphoyisa ose-Boksburg North Visible Policing. Baboshwe lapho abasebenzela khona ngoLwesithathu kanti kumanje bagcinwe esiteshini samaphoyisa e-Boksburg. Bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Boksburg namhlanje.

Ngesonto eledlule amaphoyisa aqoshwa kwividiyo ezimele ngesikhathi iqulu lezigebengu limba zeba izintambo zikagesi ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa e-Rieger Parks emini kabha.

Isithombe esingenhla: Elinye lamaphoyisa eliboshelwe ukushaya nokuhlukumeza umnikazi we-scrapyard

Umthombo wesithombe: Saps

Izihloko zakamuva