Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Abesilisa abayisikhombisa abanye babo abebegqoke imifaniswano wamaphoyisa baboshelwe ukugebenga.
Laba ababoshiwe ngamaphoyisa amane ophiko lwamaphoyisa akuleli, elilodwa ngelikamasipala wase-Tshwane namalungu amabili omphakathi.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-42 bagebenge owesifazane imali elinganiselwa ku-R83 000.
Okhulumela oKlebe uColonel Philani Nkwalase uthe ithimba loKlebe elizinze eGoli libophe abasolwa ngecala lenkohlakalo, elokuphanga kuhlonyiwe kanye nelokuthumba ngomhlaka-26 nomhlaka-27 kuNhlangulana.
“Kuthiwa kulaba basolwa abayishumi ababili kubo ebebegqoke umfaniswano wamaphoyisa bagebenge endaweni okuhlala kuyo usomabhizinisi wesifazane e-Malvern, eGoli ngomhlaka-14 kuNhlangulana,” kusho uNkwalase.
“Kuthiwa abasolwa abebehlomile bangene ngenkani kule ndawo basabisa abebephakathi bafuna imali nomakhalekhukhwini.”
UNkwalase uthe abasolwa bapequlule indlu bavula i-App yasebhange yowesifazane bamyalela ukuthi akhiphe u-R200 000 abawubone kwi-akhawunti yakhe yebhizinisi. Kodwa-ke, ibhange linqabile ukukhipha le mali ngesikhashana nje.
“Abasolwa bahambe nowesifazane ngemoto baya naye ebhange beyokhipha imali ebibekiwe baphinde bamtshela ukuthi afune enye imali ezihlotsheni zakhe. Kuthiwa usomabhizinisi ulahlekelwe imali elinganiselwa ku-R83 000 ngesikhathi ebanjwa inkunzi,” esho.
UNkwalase uthe abasolwa abayisikhombisa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesithathu ngomhlaka-28 kuNhlangulana kulo nyaka. Khonamanjalo, ithimba loKlebe lisathungatha abasolwa abathathu abasagcwele amathafa.
Esithombeni esingenhla: Iphoyiswa liboshwa