Kuboshwe amaphoyisa ayisishiyagalolunye ngecala lokuzama ukubulala

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

I-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) ibophe amaphoyisa ayisishiyagalolunye ngesigameko sokudubula esenzeke e-Pinetown, KwaZulu-Natal. 

Kusolwa ukuthi usomabhizinisi wendawo, uThabiso Ngcobo, wayeshayela ku-M13 ngase-Pinetown ngomhlaka-30 kuNhlaba ngesikhathi amaphoyisa emumisa. Kuthiwa amyalela ukuthi avule iwindi lemoto yakhe kodwa wenqaba. Kuthiwa amaphoyisa abe esedubula ebhekise emotweni ngesikhathi uNgcobo engaphakathi. 

Akalimalanga kodwa kuvulwe icala lokuzama ukubulala emaphoyiseni.

La maphoyisa ayisishiyagalolunye avele eNkantolo yeMantshi yase-Pinetown ngoLwesine mhlaka-11 kuNtulikazi kanti umuntu ngamunye unikezwe ibheyili ka-R5,000. Icala lihlehliselwe umhlaka-20 kuNcwaba ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

UKhomishana wamaphoyisa eKZN uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe amaphoyisa ngeke aze abekezelele amaphoyisa aphula umthetho. 

“Sisebenzisana ne-Ipid, oKlebe nophiko lwethu olulwa nenkohlakalo ukuze kuphenywe amaphoyisa aphula umthetho. Sizibophezele ekuqedeni amaphoyisa akhohlakele. Baningi abantu abangasebenzi abakulungele ukujoyina amaphoyisa futhi basebenze ngendlela,” kusho uMkhwanazi.

Eminyakeni emithathu edlule, angu-105 amaphoyisa aseKZN aboshwe ngamacala ahlukene. 

“Kuze kube manje angu-314 amaphoyisa axoshiwe ngemuva kokumiswa emsebenzini nangenxa zezinye izinhlelo,” kwengeza uMkhwanazi.

Ubonge amaphoyisa aqotho abeka impilo yawo engcupheni nsuku zonke ukuze avikele umphakathi.

Esithombeni ngenhla: Imoto yamaphoyisa.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva