Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa amathathu aphoqe owesifazane kanye nomfowabo ngesibhamu bangena emotweni yohlobo lweBMW enkabeni yedolobha laseGoli ngomhlaka-20 kuNhlolanja.
Amaphoyisa ahambisa izisulu esiteshini samaphoyisa eJeppe, athatha imali engu-R83,300 okwakufanele asize ngayo emngcwabeni eZimbabwe,maqede abadedela.
Abantu abathathu baqhamuke nowesifazane kanye nomfowabo ekhoneni likaCommissioner and Von Brandis street enkabeni yeGoli ngoLwesihlanu ngomhlaka-20 kuNhlolanja ka-2026. Ababili kubo kwakungamadoda kanti oyedwa engowesifazane. Bobathathu baziveze bengamaphoyisa.
Baphoqa laba bobabili ukuthi bangene kwi-BMW 1 emhlophe bebakhombe ngesibhamu babayisa endaweni yokupaka engaphansi esiteshini samaphoyisa eJeppe.
Esiteshini amaphoyisa aphoqe owesifazane ukuthi akhiphe imali engu-R83 300. Imali le ubeyigcinele ukukhokhela umngcwabo eZimbabwe.
Ngemuva kokuthatha imali, amaphoyisa ahambise laba ababili eCarlton Centre abehlisa.
Lesi sigameko sibikwe esiteshini samaphoyisa eJohannesburg Central. NgoMgqibelo ngomhlaka-21 kuNhlolanja, izisulu ziphinde zaya ophikweni lwezindaba zangaphakathi eMnyangweni wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD). Ngesikhathi lona wesifazane ethula isitatimende, elinye lamaphoyisa langena ehhovisi. Wamkhomba khona lapho.
I-JMPD ibophe wonke amaphoyisa amathathu. Okhulumela amaphoyisa uSuperintendent Xolani Fihla uthe: “UMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli uyakuqinisekisa ukuboshwa kwamalungu ethu amathathu kulandela isigameko esibi esibandakanya izinsolo zokuphanga kuhlonyiwe nokuthumba.”
UFihla uthe umnyango awunakubekezelela nhlobo inkohlakalo nobugebengu phakathi kwawo.
“Umnyango ubheka lezi zinsolo ezibucayi,” usho kanje.
Uphenyo luyaqhubeka.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo wesithombe: Ifayela
