Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa avimbe izigameko ezimbili ezahlukene zokubanjwa kwemoto yemali abopha abasolwa abayisishiyagalombili okubalwa kubo namaphoyisa amabili.
Umsolwa wesishiyagalolunye udutshulwe washonela endaweni yesigameko kwathi omunye wathola inxeba lokudutshulwa.
Amaphoyisa amabili, aneminyaka engu-41 no-42 ubudala aboshwe kanye nabanye abasolwa abathathu e-Kurhuleni ngeSonto ebusuku.
Iqembu lezigebengu okuthiwa belihlela ukugebenga imoto yemali e-Mafikeng, e-North West libhekene necala lokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, ukutholakala nempahla kahulumeni okusolakala ukuthi yebiwe (izinombolo zezimoto zamaphoyisa) nelokuzenza amaphoyisa mbumbulu.
Laba balisa baphinde batholakala namakhadi okuqashwa kwamaphoyisa, izinombolo zezimoto zamaphoyisa, izibhamu ezingekho emthethweni, ama-gloves kanye nezifihlabuso, phakathi kwezinye izinto.
Amaphoyisa e-SAPS abezulazula ku-N4 ngesikhathi ezithela phezu kwemoto yohlobo lwe-Ford Ranger emhlophe emile inabantu abahlanu ngaphansi kwebhuloho. Amaphoyisa abasesha athola izinto eziningi ezingekho emthethweni.
Umqaphi womphakathi obeyingxenye yethimba lamaphoyisa abophe abasolwa, uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi kuzobanjwa inkunzi imoto yemali ku-N4 obheke e-Brits.
Uphiko lwe-SAPS Flying Squad, Amaphoyisa kaMasipala wase-Kurhuleni, nezinye izikhulu zomthetho zitheleke emgwaqeni onguthelawayeka zabopha leli qembu labasolwa.
Kwesinye isigameko ezintatha zangoMsombuluko, i-Special Task Force, i-National Intelligence Agency nethimba le-SAPS Tactical Response Team bagasele endaweni yokushisa inyama e-Aureus, e-Randfontein lapho kuthiwa bekucashe khona iqembu lezigebengu ezibambe inkunzi imoto yemali.
Imithombo ithi iziphathimandla zilunywe indlebe ngabasolwa abebehlela ukugebenga imoto yemali e-Randfontein e-West Rand. Izikhulu zihlonze indawo abacashela kuyo.
Ngesikhathi amaphoyisa esondela emzini obekucashwe kuwo abasolwa bavele badubula.
Amaphoyisa abe esephindisela adubula abulala umsolwa oyedwa; oyedwa walimala kwathi ababili baboshwa. Kudubuleke iphoyisa elilodwa kulesi sigameko.
Abasolwa baboshwe ngesikhathi bevinjwa amaphoyisa emphakathini bezama ukubaleka nge-VW Polo ne-Mercedes-Benz.
Kuthathwe izibhamu, iziqhumane nezimoto ezebiwe.
UKhomishana wamaphoyisa e-West Rand uJenene Fred Kekana uthe umuzi okutholwe kuwo abasolwa ngokasomabhizinisi uDavid Benzana.
Manje amaphoyisa athungatha indodana yakhe, uThabo Benzana ongaphandle ngebheyili ecaleni elihlobene nokubamba inkunzi imoto yemali.
Esithombeni esingenhla: Abasolwa batholakale nezibhamu ezingekho emthwethweni.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe